Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Insindiso ingekaSimakade; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe phezu kwabantu bakho. Sela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 3:8
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha wayemi phakathi nesiqephu, wasivikela, wawabulala amaFilisti; uJehova wenza insindiso enkulu.


Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngiyafuna iziyalezo zakho.


UJehova uzakunika abantu bakhe amandla; uJehova uzakubusisa abantu bakhe ngokuthula.


Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho; ngisindise ngomusa wakho.


Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi iqundekile.


Igama layo liyakuma kuze kube phakade; igama layo liyakuxhanta, lisekhona ilanga; bayakuzibusisa ngayo; bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.


Mabashaywe luvalo, Jehova; abezizwe mabazazi ukuthi bangabantu nje. Sela*


Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukusindiswa kungokukaJehova.


Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho umsindisi.


Impela amagquma ayize kanye nomsindo wasezintabeni. Ngokwempela ukusindiswa kuka-Israyeli kukuJehova uNkulunkulu wethu.


“Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe; ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu, nomsindisi akakho ngaphandle kwami.


Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa, ngigcwalise engikuthembisileyo. Ukusindiswa kukuye uJehova.”


Kwathi ekusukeni komphongolo uMose washo wathi: “Vuka, Jehova; mazihlakazeke izitha zakho; abakuzondayo mababaleke ebusweni bakho.”


UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.”


“Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”


Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya,


wathi: “Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngiyakukwandisa nokukwandisa,”


ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.


Emva kwalokho ngezwa kungathi izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, nenkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu,


samemeza ngezwi elikhulu, sithi: “Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu!”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka