Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 3:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Vuka, Simakade, ngisindise Nkulunkulu wami. Uzishayile zonke izitha zami emihlathini; wawawohloza amazinyo ezonakali.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Vuka, Jehova; ngisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba uzishaye zonke izitha zami emhlathini; Uwaphulile amazinyo ababi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 3:7
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba impi yahlakazeka khona ezweni lonke, ihlathi laqeda abantu abaningi ngalolo suku kunabadliwa yinkemba.


Bangikhamisela imilomo yabo, bangimukula esihlathini ngenhlamba, bangihlanganyela.


Ngaphula imihlathi yowonayo, ngahlwitha impango emazinyweni akhe.


Vuka, Jehova! Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho, ungakhohlwa abahluphekileyo.


“Ngenxa yokubandezeka kwabahluphekileyo nangokububula kwabampofu ngizakuvuka kalokhu,” usho uJehova, “ngimbeke ekusindisweni akulangazelelayo.”


Noma impi imisa ngakimi, inhliziyo yami ayesabi; noma ngivukelwa ngukulwa, nokho nginethemba.


Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami, Nkulunkulu wami, Nkosi yami, umele icala lami.


Vuka, Nkosi! Ulaleleni na? Vuka, ungasilahli njalonjalo.


Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu! Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova!


Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela*


Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami, ungisindise ngenxa yesihawu sakho.


Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela.


Usihoshelani isandla sakho, isandla sakho sokunene, na? Sihoshe esifubeni sakho, uzichithe.


mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela*


Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkhono kaJehova, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zamandulo. Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako,* na?


Makanike isihlathi sakhe komshayayo, asuthe ngenhlamba.


Wo koshoyo kumuthi ukuthi: ‘Vuka!’ nakulo itshe eliyisimungulu: ‘Phaphama!’ Lokhu kungafundisa na? Bheka, kunamekwe ngegolide nangesiliva, kungekho neze umoya phakathi kwakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka