Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KumaHeberu 8:12 - IsiZulu 2020

Ngokuba ngiyakubahawukela nakuba bonile, ngingabe ngisazikhumbula nezono zabo.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo, nezono zabo angisayikuzikhumbula.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo, nezono zabo nobubi babo angisayikukukhumbula.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo, nezono zabo nobubi babo angisayikukukhumbula.

Uka jalj uñjjattʼäta



KumaHeberu 8:12
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami, ngokwesihawu sakho ngikhumbule, ngenxa yokulunga kwakho, Simakade!


Iziphambeko zingigabhile, uyazithethelela iziphambeko zethu.


“Mina, Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyukuzikhumbula izono zakho.


Iziphambeko zakho ngizesule njengefu, nezono zakho njengomlaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”


Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe, noma umfowabo, athi: ‘Yazi uSimakade,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala,” kusho uSimakade, “ngokuba ngiyakubathethelela ububi babo, nesono sabo angisayukusikhumbula.”


Ngiyakubahlambulula kubo bonke ububi babo abone ngabo kimi, ngizithethelele zonke izono zabo abazenzileyo nabaphambuke ngazo kimi.


Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade, “kuyakuphenywa ngecala lika-Israyeli, kodwa aliyukutholakala, nangezono zakwaJuda, kepha aziyukufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engiyakubashiya ukuba babe yinsali.


Ngubani onguNkulunkulu njengawe othethelela ukona, ayekelele isiphambeko sensali eyifa lakhe; akahlali ethukuthele ingunaphakade ngokuba uthokozela umusa.


Uyakubuye asihawukele, anyathele iziphambeko zethu, aphonse zonke izono zethu ekujuleni kolwandle.


Lesi yisivumelwano sami nabo, lapho ngizisusa izono zabo.”


esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kweziphambeko ngokwengcebo yomusa wakhe,


okukuyo sinokuhlengwa nokuthethelelwa kwezono.


nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,