Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 65:3 - IsiZulu 2020

3 Iziphambeko zingigabhile, uyazithethelela iziphambeko zethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Izenzo ezimbi zangahlula; iziphambeko zethu uyaziyekela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Iziphambeko ziyanginqoba: wena wesule iziphambeko zethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 65:3
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku.


U-Izaya, indodana ka-Amose, wathumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Lokho obukukhulekela kimi ngoSaneheribhi, inkosi yase-Asiriya, ngikuzwile.’


“Buyela kuHezekiya umbusi wabantu bami, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizokuphilisa, bese ngosuku lwesithathu ukhuphukela endlini kaSimakade.


Ngokuba iziphambeko zami zedlula ikhanda lami, zingisinda njengomthwalo onzima.


Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angikwazi ukubona, ziningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, inhliziyo yami isiphelelwe yithemba.


Ngihlanze ngehisophi, ngihlambuluke, ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, ngenxa yenkazimulo yegama lakho, usikhulule, usithethelele izono zethu ngenxa yegama lakho.


Lathinta umlomo wami, lathi: “Uyabona, lokhu kuzithintile izindebe zakho; ububi bakho sebususiwe, nezono zakho sezihlanguliwe.”


Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuya kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuya kwelinye; bonke abantu bayofika bazokhuleka phambi kwami,” kusho uSimakade.


Simakade, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badla ifa elingamanga kuphela, okuyize, okungenanzuzo.


Ngalolo lusuku kuyakuvulwa umthombo oyakuhlanza izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.


Ngakusasa uJohane wabona uJesu eza kuye, wayesethi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono somhlaba.


Ngokuba imvelo eyonakeleyo ikhanuka okuphambene noMoya, noMoya okuphambene nemvelo eyonakeleyo. Lezi zinto ziyamelana, ukuze ningakwenzi lokho enikufisayo.


kakhulu kangakanani igazi likaKhristu, okwathi ngoMoya ophakade wazinikela kuNkulunkulu engenasici, lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka