Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 65:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Iziphambeko ziyanginqoba: wena wesule iziphambeko zethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Izenzo ezimbi zangahlula; iziphambeko zethu uyaziyekela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Iziphambeko zingigabhile, uyazithethelela iziphambeko zethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 65:3
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi uJehova kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho okwenzile phambi kwami; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngimise igama lami khona kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona njalo.


U-Isaya, indodana ka-Amose, wathumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngikuzwile lokho owakhuleka kimi ngoSaneheribi inkosi yase-Asiriya.


Phenduka uthi kuHezekhiya umkhokheli wabantu bami: Utsho njalo uJehova uNkulunkulu kayihlo uDavida: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakukhuphukela endlini kaJehova.


Ngokuba iziphambeko zami zedlule phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda.


Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile; ziningi kunezinwele zekhanda lami; ngalokho inhliziyo yami ingiphazamisile.


Ngihlanze ngehisopi, ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, ngenxa yegama lakho, usisindise, uhlanze izono zethu ngenxa yegama lakho.


Yasibeka emlonyeni wami, yathi: “Bheka, isithinte izindebe zakho; ububi bakho sebususiwe, nesono sakho siyahlanjululwa.


Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuye kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuye kwelinye, yonke inyama iyakuza ukukhuleka phambi kwami,” usho uJehova.


Jehova, mandla ami, nenqaba yami, nesiphephelo sami ngosuku lwenhlupheko, abezizwe bayakuza kuwe bevela emikhawulweni yomhlaba, bathi: Obaba badla ifa lamanga, okuyize, nezinto ezingenakusiza.


Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo endlini kaDavide nabakhileyo eJerusalema, wesono nowokungcola.


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.


Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, noMoya ukhanuka okuphambene nenyama; lezi zinto ziphambene, ukuze ningenzi enikuthandayo.


Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela ngoMoya ophakade engenasici kuNkulunkulu, liyakuhlambulula unembeza wenu emisebenzini efileyo, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo na?


nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka