Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 8:11 - IsiZulu 2020

11 Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo efundisa owakubo, nomunye efundisa umfowabo, ethi: ‘Yazi iNkosi.’ Ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo, nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi INkosi;’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Abayikufundisa, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Abayikufundisa, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 8:11
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


UHezekiya wakhuluma kahle kubo bonke abaLevi ababebonakalisa ukuthi bayayiqonda inkonzo kaSimakade. Badla-ke iminikelo yomkhosi izinsuku eziyisikhombisa, benikela ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula, bembonga uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


“Wena-ke Ezra, makuthi ngokuhlakanipha uNkulunkulu akuphe khona, uqoke abehluleli nezimantshi abayokwehlulela bonke abantu bakini abasesifundazweni esisentshonalanga yeYufrathe; makube ngabantu abawaziyo umthetho kaNkulunkulu wenu, abangawaziyo kufanele bawufundiswe.


Abantu abaningi bayofika, bathi: “Wozani senyukele entabeni kaSimakade, endlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuphuma eZiyoni, nezwi likaSimakade, eJerusalema.


Bonke abantwana bakho bayakufundiswa nguSimakade, kube nokuthula okukhulu kubantwana bakho.


Ngiyakubanika inhliziyo yokuba bangiqonde ukuthi nginguSimakade. Bayakuba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo, bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.


Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe, noma umfowabo, athi: ‘Yazi uSimakade,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala,” kusho uSimakade, “ngokuba ngiyakubathethelela ububi babo, nesono sabo angisayukusikhumbula.”


Kwase kusondela bonke abakhuzi bempi, uJohanani indodana kaKhareya, uJezaniya indodana kaHosheya nabo bonke abantu abadala nabancane,


Wayesebiza uJohanani, indodana kaKhareya, abakhuzi bonke bempi ababenaye, nabantu bonke abancane nabadala,


Ngiyakuyishabalalisa insali yakwaJuda, eqoke ukuya eGibhithe ukuyogogobala khona, bonke bayofela eGibhithe, babulawe yinkemba nendlala; kanjalo abancane nabadala, bayobulawa yinkemba nendlala, babe yisithuko, into esabekayo, isiqalekiso nehlazo.


“Kusukela ezinganeni kuya kwabadala bakhona, bonke bazuza inzuzo engafanele, nabaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.


Ziyakukwazi ukuthi Mina Simakade uNkulunkulu wazo nginazo, nokuthi zona, indlu yakwa-Israyeli, zingabantu bami,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaSimakade, njengamanzi esibekela ulwadle.


Kulotshiwe kubaphrofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo omzwile uBaba, wafunda, uza kimi.


Babemnaka bonke, kusukela kwabancane kuya kwabadala, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu.”


Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka