UMikha 7:18 - IsiZulu 202018 Ngubani onguNkulunkulu njengawe othethelela ukona, ayekelele isiphambeko sensali eyifa lakhe; akahlali ethukuthele ingunaphakade ngokuba uthokozela umusa. Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE18 Ngubani onguNkulunkulu onjengawe othethelela insali yefa lakho ububi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo, na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa. Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 202418 Ngubani onguNkulunkulu onjengawe, othethelela ububi, adlule isiphambeko sensali yefa lakhe? Akayigodli intukuthelo yakhe kuze kube phakade, ngokuba ujabulela umusa. Uka jalj uñjjattʼäta |
Wase ekhuleka kuSimakade, wathi: “Simakade, angikushongo yini lokhu kwasekuqaleni ngesikhathi ngisesezweni lakithi na? Yingakho ngashesha ngabalekela eTharishishi, ngoba ngangazi kahle ukuthi Wena unguNkulunkulu onomusa, owephuza ukuthukuthela, unobubele obukhulu, uyayithambisa inhliziyo yakho ungabe usakwenza okubi obukuhlosile.