Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 8:13 - IsiZulu 2020

13 Uma ethi: “Esisha,” kusho ukuthi esokuqala sesiphelelwe yisikhathi, ngakho-ke osekuphelelwe yisikhathi, futhi sekukudala, sekuseduze ukuba kushabalale.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngokusho lokho ukuthi: “Esisha,” uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Ngokuthi: Isivumelwano esitsha, usenze esokuqala siguge. Manje lokho okubolayo nokugugayo sekulungele ukunyamalala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngokuthi: Isivumelwano esitsha, usenze esokuqala siguge. Manje lokho okubolayo nokugugayo sekulungele ukunyamalala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 8:13
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Phakamiselani amehlo enu ezulwini, nibheke emhlabeni phansi, ngokuba izulu liyakunyamalala njengentuthu, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengomiyane, kodwa insindiso yami iyakuma kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyukuphela.


Izulu nomhlaba kuyakudlula, kodwa amazwi ami awasoze adlula.


Kanjalo-ke wathabatha nendebe sebedlile, wathi: “Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.


Uthando alusoze lwaphela, nakuba kukhona ukuphrofetha, kodwa kuyakukhawuka. Nakuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nakuba kungulwazi, luyakuphela.


okunguye owasenza safaneleka ukuba yizikhonzi zesivumelwano esisha kungesiso esomthetho, kodwa esikaMoya. Ngokuba incwadi ebhaliwe iyabulala, kodwa uMoya uyaphilisa.


Ngokuba uma umuntu ekuKhristu, uyisidalwa esisha, okwakuqala kudlulile; sekuvele okusha.


Wona ayobhubha, kodwa Wena umi njalo, wona wonke ayoguga njengengubo.


nakuJesu, umxhumanisi wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.


Kungenxa yalokho-ke uJesu waba yisiqinisekiso sesivumelwano esingcono.


Kepha manje unikwe inkonzo enhle ngokwedlulele, njengalokhu engumxhumanisi wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.


Kepha lapho ebasola, uthi kubo: “Niyabona, izinsuku ziyeza,” kusho iNkosi, “lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda,


Ngalokho-ke ungumxhumanisi wesivumelwano esisha, ukuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala, ababiziweyo bazuze isithembiso sefa eliphakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka