Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 9:1 - IsiZulu 2020

1 Kanjalo nesivumelwano sokuqala sasinezimiso zenkonzo nendlu engcwele yasemhlabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kepha nesivumelwano sokuqala kambe sasinezimiso zenkonzo nendlu engcwele yasezweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kepha nesivumelwano sokuqala sasinezimiso zenkonzo nendlu engcwele yasezweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kepha nesivumelwano sokuqala sasinezimiso zenkonzo nendlu engcwele yasezweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 9:1
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Mabangenzele ithabanakeli elingcwele ukuze ngihlale phakathi kwabo.


Uma benamahloni ngakho konke abakwenzileyo, mawubazise ngesimo sendlu, ngokuhleleka kwayo, ngezindawo zayo zokuphuma nezokungena, impela, sonke isimo sayo nazo zonke izimiso zayo, izimo zayo zonke nemithetho yayo yonke, ukulobe bezibonela ngawabo amehlo, ukuba basigcine sonke isimo sayo, nazo zonke izimiso zayo, bakwenze lokho.”


Ngalokho, gcinani umyalo wami ukuze ningenzi nasinye sezinengiso ezenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngazo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”


“ ‘Ngakho-ke bayogcina umyalo wami; ukuze bangabi nesono ngenxa yawo, bese befa ngokuba bewujivazile; nginguSimakade obangcwelisayo.


Abayukushiya lutho kuze kube sekuseni, abayukuphula thambo lalo. Bayakuligcina iphasika njengokwezimiso zalo zonke.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


abangaba-Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo; izivumelwano, ukumiswa komthetho, inkonzo, nezithembiso;


Qaphelani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize ngokwemvelo yabantu, ngezimfundiso zokucathula kwezwe, okungesikho okukaKhristu.


Uma ethi: “Esisha,” kusho ukuthi esokuqala sesiphelelwe yisikhathi, ngakho-ke osekuphelelwe yisikhathi, futhi sekukudala, sekuseduze ukuba kushabalale.


uyisikhonzi sokungcwele nesethabanakeli lempela, elamiswa yiNkosi, hhayi umuntu.


Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala sasingenasici, bekungeke kufunwe isivumelwano sesibili.


Ngokuba uKhristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka