Kwabuthana nezindimbane zivela emizini ezungeze iJerusalema, zithwele abagulayo nabahlukunyezwa ngomoya abangcolileyo. Baphulukiswa bonke.
Kwabuthana nesixuku esivela emizini ezungeze iJerusalema, beletha abagulayo nabakhathazwa ngawomoya abangcolileyo; baphulukiswa bonke.
Kwabuthana futhi isixuku esivela emadolobheni azungeze iJerusalema, bethwele abagulayo nabakhathazwa imimoya engcolile, baphulukiswa bonke.
Kwathi ukuba uHerode abone ukuthi izazi zimshaye ngemfe iphindiwe, wathukuthela kakhulu. Wathumela, wabulala bonke abantwana besilisa baseBhethlehema, nasezindaweni zonke ezakhelene nalo, ababeneminyaka emibili nangaphansi, njengokwesikhathi izazi ezazimtshele sona.
Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa.
Kwathi kusihlwa, baletha kuye abaningi abanamadimoni, wabakhipha omoya ngezwi, wabaphulukisa bonke abagulayo,
Ngolunye lwalezo zinsuku uJesu efundisa, kwakuhleli lapho abaFarisi nezazimthetho ababephuma kuzo zonke izifunda eGalile, eJudiya naseJerusalema. Amandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise.
ababeze ukuzomlalela nokuba baphulukiswe ezifeni zabo, nalabo ababehlushwa ngomoya abangcolileyo; baphulukiswa.
Kepha izixuku sezazi ngalokho zamlandela; wazemukela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abadinga ukuphiliswa.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.
wena welule isandla sakho ukuphulukisa, ukwenza izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.”
kangangokuthi baze bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, ukuze kuthi lapho uPhethro edlula, isithunzi sakhe sibeleke abanye babo.
Kwase kusuka umphristi omkhulu, nabo bonke ababenaye beqembu labaSadusi, begcwele umona.
Omunye uphiwa ukukholwa nguye lowo Moya, omunye aphiwe iziphiwo zokuphulukisa nguye lowo Moya munye;
Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.