Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 8:16 - IsiZulu 2020

16 Kwathi kusihlwa, baletha kuye abaningi abanamadimoni, wabakhipha omoya ngezwi, wabaphulukisa bonke abagulayo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni, wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abanengi ababekhwelwe ngamadimoni;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abanengi ababekhwelwe ngamadimoni;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 8:16
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”


Kwase kulethwa kuye onamadimoni, eyimpumputhe futhi eyisimungulu; wamphulukisa, waze wabona, wakhuluma lo obeyisimungulu.


Waphuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.


Wathinta isandla sakhe, umkhuhlane waphela; wayesevuka, wamkhonza.


Ababezelusile babaleka, baya emzini, babika konke okwakwenzekile, nalokho okwakwenzeke kwabanamadimoni.


Base beletha kuye umuntu ofe uhlangothi, elele ohlakeni. UJesu ebona ukukholwa kwabo, wathi kofe uhlangothi: “Yima isibindi, ndodana, uthethelelwe izono zakho.”


Kweza kuye abantu abane, bethwele ngohlaka umuntu ofe uhlangothi.


UJesu wathi kuye: “Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo!”


UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima siya ndawonye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala, ngithi kuwe: phuma kuye, ungaphindi futhi ungene kuye.”


UJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, usuphilisiwe ekuguleni obunakho.”


Kwathi selishona ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nababekhwelwe yizifo ezehlukene; wabeka izandla phezu kwabo ngamunye, wabaphilisa.


Kwaphuma amadimoni kwabaningi, ememeza ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kepha wawakhuza, kawavumelanga ukuba akhulume, ngokuba ayemazi ukuthi unguKhristu.


kangangokuthi baze bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, ukuze kuthi lapho uPhethro edlula, isithunzi sakhe sibeleke abanye babo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka