Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 4:24 - IsiZulu 2020

24 Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Udumo lwakhe lwaphumela kulo lonke elaseSiriya, baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlupheko, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi; wasebasilisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Udumo lwakhe lwaphumela kulo lonke elaseSiriya, baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlupheko, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi; wasebasilisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 4:24
41 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wamisa amabutho akhe e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aphenduka izinceku zikaDavide, athela kuye intela. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.


Kwathi ukuba indlovukazi yaseShebha izwe imibiko ngodumo lukaSolomoni ngenxa yegama likaSimakade, yafika ukuzomvivinya ngemibuzo elukhuni.


Wayehlakaniphe kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, uHemani, uKalikoli, uDarda, amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke, nxazonke.


Igama likaDavide laphumela emazweni wonke; uSimakade wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.


Sengiyilungisele indlu kaNkulunkulu wami ngamandla ami wonke, igolide lokwegolide, isiliva lokwesiliva, ithusi lokwethusi, insimbi yokwensimbi, imithi yokwemithi, amatshe amashohamu nawokufakwa, amatshe ahlobisayo nanemibala eyehlukeneyo, izinhlobo zonke zamatshe ayigugu, namatshe amhlophe amaningi.


Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”


Kwase kulethwa kuye onamadimoni, eyimpumputhe futhi eyisimungulu; wamphulukisa, waze wabona, wakhuluma lo obeyisimungulu.


Ngaleso sikhathi uHerode, uMthethraki, wezwa kubikwa ngoJesu,


Kwase kufika owesifazane waseKhanani evela emingceleni yakhona, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ihlaselwe kabi yidimoni.”


wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, iyahlukumezeka kakhulu; kukaningi iwela emlilweni nasemanzini.


UJesu wayeselikhuza idimoni, laphuma kuyo; umfana wasinda ngaleso sikhathi.


Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, wahlangana nabantu ababili abanamadimoni, bephuma emathuneni. Babeyingozi kakhulu kangangokuthi kwakungekho muntu owayengalokotha adlule ngaleyo ndlela.


Ababezelusile babaleka, baya emzini, babika konke okwakwenzekile, nalokho okwakwenzeke kwabanamadimoni.


yathi: “Nkosi, umfana wami ulele endlini, ufe uhlangothi; usezinhlungwini ezinzima.”


Umbiko ngalokhu wasabalala kulo lonke lelo lizwe.


UJesu wahamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa bonke abanezifo ezahlukene, nokugula konke.


Udumo lwakhe lwasabalala ngokushesha kuso sonke isifunda eGalile.


Kwathi ngokuhlwa, ilanga selizilahle kunina, baletha kuye bonke abagulayo nabanamadimoni.


Kweza kuye abantu abane, bethwele ngohlaka umuntu ofe uhlangothi.


Bengakwazi ukumsondeza kuye ngenxa yesixuku, baqaqa uphahla lwendlu lapho uJesu ayekhona. Kuthe sebevule isikhala behlisa uhlaka ayelele kulo ofe uhlangothi.


Yikuphi okulula ukuba kuthiwe kofe uhlangothi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma kuthiwe: ‘Vuka uthathe uhlaka lwakho, uhambe’ na?


Lokhu kubalwa kwabantu kokuqala kwenzeka lapho uKhwiriniyu engumbusi waseSiriya.


UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya. Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke lelo lizwe.


Waphuma esinagogeni, wangena endlini kaSimoni. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayebanjwe ngumkhuhlane onzima; bamnxusa uJesu ukuba amsize.


Kepha imibiko ngaye yasabalala kakhulu. Izixuku eziningi zaba naye ukuze zilalele, futhi ziphulukiswe ezifweni zazo.


Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inegunya lokuthethelela izono emhlabeni,” wathi kofe uhlangothi: “Ngithi kuwe: vuka uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”


Lezi zindaba ngoJesu zasabalala kulo lonke iJudiya nasezindaweni ezakhelene nalo.


Abanye bathi: “Lawa mazwi awaphumi kumuntu onedimoni. Kanti idimoni lingawavula yini amehlo empumputhe na?”


Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


Baloba ngesandla sabo incwadi ethi: “Abaphostoli, amalunga, nabazalwane, bayababingelela abazalwane babezizwe kulo lonke elase-Antiyokhiya, eSiriya naseKhilikhiya.


Wadabula eSiriya naseKhilikhiya, ehamba eqinisa amabandla.


Sekwenzekile lokho, iningi labantu basesiqhingini baletha nabanye ababenezifo, baphiliswa.


Kwaphuma imimoya engcolileyo kwabaningi ababenayo, iphuma imemeza ngezwi elikhulu. Kwaphiliswa abaningi abafe uhlangothi, nabayizinyonga.


USimakade wayenaye uJoshuwa, udumo lwakhe lwagcwala ezweni lonke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka