Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 14:12 - IsiZulu 2020

12 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza; nemikhulu kunale uyakuyenza; ngoba mina ngiya kuBaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza; nemikhulu kunale uyakuyenza; ngoba mina ngiya kuBaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 14:12
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJesu wabaphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma nikholwa ningangabazi, aniyukwenza kuphela lokhu okwenzeke emkhiwaneni, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Zimbuka, uphonseke olwandle,’ lokho kuyakwenzeka.


Wabona umkhiwane buqamama, unamaqabunga, wasondela kuwo ethi hleze angathola okuthile kuwo. Esefikile kuwo akatholanga lutho, kodwa amacembe wodwa nje, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane.


Lezi zibonakaliso ziyakubonakala kwabakholwayo: Bayakukhipha amadimoni ngegama lami, bakhulume ngezilimi ezintsha.


“Nizwile, nganitshela ngathi: ngiyahamba, kodwa ngiyakubuya ngize kini. Uma ningithanda beniyojabula, ngokuba ngiya kuBaba, lokhu uBaba mkhulu kunami.


Kepha Mina nginitshela iqiniso: kunifanele ukuba ngihambe, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi ngeke eze kini, kodwa uma ngihamba, ngiyakumthumela kini.


Ngokuba kulokhu liqinisile izwi elithi: ‘Omunye uyahlwanyela, omunye avune.’


Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo. Uyakuyikhombisa ngisho imisebenzi emikhulu kunale, ukuba nimangale.


Ngakho-ke uJesu wathi: “Kusazokuba yisikhashana nginani, bese ngibuyela kulowo ongithumileyo.


Wayekusho lokho ngoMoya abazakumamukela labo abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngenxa yokuba uJesu wayengakakhazimuliswa.


Ngokuba babezwa bekhuluma ngezilimi, betusa uNkulunkulu. UPhethro wayesephendula ethi:


Yakwenza lokhu izinsuku eziningi, kodwa uPawula esecasukile waphenduka, wathi kumoya: “Ngiyakuyala egameni likaJesu uKhristu ukuba uphume kuyo.” Waphuma ngaso leso sikhathi.


ngangokuthi baze bathatha amaduku nezindwangu emzimbeni wakhe, bakubeka phezu kwabagulayo; zase zisuswa kubo izifo zabo, baphuma nomoya ababi.


Ngakho-ke waphakanyiselwa ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esemukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuthululile lokhu enikubonayo nenikuzwayo.”


Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000.


bethi: “Sizakwenzani ngalaba bantu na? Ngokuba kusobala kubo bonke abakhileyo eJesuralema ukuthi yibona abenze isibonakaliso esikhulu esingenakho ukusiphika.


Abaphostoli bethula ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke.


Kodwa abaningi abalizwayo izwi bakholwa, babebalelwa emadodeni ayizi-5 000.


kangangokuthi baze bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, ukuze kuthi lapho uPhethro edlula, isithunzi sakhe sibeleke abanye babo.


Izwi likaNkulunkulu lasabalala, kwathi inani labafundi lakhula kakhulu eJerusalema, nesixuku esikhulu sabaphristi sayamukela inkolo.


Kwaphuma imimoya engcolileyo kwabaningi ababenayo, iphuma imemeza ngezwi elikhulu. Kwaphiliswa abaningi abafe uhlangothi, nabayizinyonga.


UPhethro wathi kuye: “Eneya, uJesu uKhristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho.” Wayesevuka ngokushesha.


Kepha uPhethro esebakhiphele ngaphandle bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, wayesephendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wavula amehlo akhe, wabona uPhethro, wayesehlala.


ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza izwe ngaze ngafika e-Ilirikhu, ngishumayela ivangeli likaKhristu ngokupheleleyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka