Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 5:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kwabuthana nesixuku esivela emizini ezungeze iJerusalema, beletha abagulayo nabakhathazwa ngawomoya abangcolileyo; baphulukiswa bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Kwabuthana nezindimbane zivela emizini ezungeze iJerusalema, zithwele abagulayo nabahlukunyezwa ngomoya abangcolileyo. Baphulukiswa bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Kwabuthana futhi isixuku esivela emadolobheni azungeze iJerusalema, bethwele abagulayo nabakhathazwa imimoya engcolile, baphulukiswa bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwabuthana futhi isixuku esivela emadolobheni azungeze iJerusalema, bethwele abagulayo nabakhathazwa imimoya engcolile, baphulukiswa bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 5:16
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khona uHerode, esebonile ukuthi izazi zimphambile, wathukuthela kakhulu, wathumela wabulala bonke abantwana besilisa baseBetlehema nasendaweni yonke yangakhona, abaminyaka mibili nangaphansi njengesikhathi abesibuzisisile kuzo izazi.


Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.


Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni, wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo,


Kwathi ngolunye lwalezo zinsuku yena esafundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma emizini yonke yaseGalile neJudiya neJerusalema. Namandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise.


ababezile ukumuzwa nokuphulukiswa ezifweni zabo; nababekhathazwa ngawomoya abangcolileyo baphulukiswa.


Kepha izixuku sezazi zamlandela; wazithakazela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abaswela ukuphulukiswa.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.


ngokwelula isandla sakho ukuphulukisa, kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.”


ngangokuba bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, kuze kuthi lapho eza uPetru, isithunzi nje sakhe sisithibeze abanye kubo.


Kwase kusuka umpristi omkhulu nabo bonke ababe naye abangabehlelo labaSadusi, bagcwala umhawu,


omunye ukukholwa kuye lowo Moya, omunye iziphiwo zokuphulukisa kuye uMoya munye,


Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka