Abantu bomela amanzi lapho; bakhononda kuMose, bathi: “Wasikhuphulelani eGibhithe ukuba usibulalise ngokoma thina nabantwana bethu nemfuyo yethu na?”
Hoseya 2:3 - IsiZulu 2020 funa ngimhlubule abe nqunu, ngimbhushuzelise njengosuku azalwa ngalo, ngimenze afane nehlane, abe njengezwe eligagadekile, bese ngimbulala fi ngokoma. IBHAYIBHELI ELINGCWELE funa ngimhlubule abe nqunu, ngimenze njengasosukwini lokuzalwa kwakhe, ngimenze ihlane, ngimbeke abe njengezwe elomileyo, ngimbulale ngokoma. Contemporary Zulu Bible 2024 funa ngimhlubule abe nqunu, ngimbeke njengasosukwini lokuzalwa kwakhe, ngimenze abe njengehlane, ngimenze abe njengezwe elomileyo, ngimbulale ngokoma. |
Abantu bomela amanzi lapho; bakhononda kuMose, bathi: “Wasikhuphulelani eGibhithe ukuba usibulalise ngokoma thina nabantwana bethu nemfuyo yethu na?”
Izwe lididekile, lidangele, iLebhanoni lithelwe ngamahloni, liyabuna, iSharoni linjengehlane, iBhashani neKharmeli kuyavuthuluka.
Ubunqunu bakho mabuvele obala libonakale ihlazo lakho, ngiyoziphindiselela, angiyukushiya noyedwa.
Imizi yakho engcwele isifana nehlane, iZiyoni seliphenduke ihlane, neJerusalema liyincithakalo.
Abelusi abaningi basicekele phansi isivini sami, basinyathela isabelo sami, ifa lami elinxanelekayo balenze ihlane eliyincithakalo.
Uyakuthi enhliziyweni yakho: “Zingehleleleni lezi zinto na?” Ngobukhulu bokona kwakho, isidwaba sakho siphenyiwe, nomzimba wakho wahlukunyezwa.
Izikhulu zakhona zithumele izinceku zazo ukuyokha amanzi emithonjeni, kodwa azitholanga manzi; zibuye nezimbiza zazo zingenalutho, zinamahloni, zijabhile, zimboze amakhanda azo.
Uyakuba njengesihlahla ogwadule, akayukukubona okuhle noma kuza kuye, uyakuhlala ezindaweni ezigagadekile ehlane, ezweni likasawoti okungahlali muntu kulo.
“Wena sizukulwane, lalela izwi likaSimakade. “Ngike ngaba yini yihlane ku-Israyeli, noma izwe lesigayegaye na? Kungani abantu bami bethi: ‘Sesidlubulundile, asisayukubuyela kuwe,’ na?
Abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade owasikhuphula eGibhithe, wasihola ezweni eliyihlane nogwadule; izwe lemigodi, nesomiso, ezweni lethunzi lokufa, elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona na?’
Ngokuba usho kanje uSimakade ngesigodlo senkosi yakwaJuda, uthi: “Ufana neGileyadi kimi, nanjengesicongo seLebhanoni, kodwa ngiyokwenza ube yihlane nemizi okungahlali muntu kuyo.
Ngabuka; bheka, izwe elivundileyo laliyihlane, nemizi yalo yonke yayidiliziwe phambi kukaSimakade, naphambi kwentukuthelo yakhe evuthayo.
Imizi yakhona ibhujisiwe; sekuyizwe elomileyo, nehlane; izwe elingasahlalwa muntu, ngisho nendodana yomuntu ingedlule kulo.
Ngokuba u-Israyeli noJuda akabahlamukanga uNkulunkulu wabo, nakuba izwe labo lonakele koNgcwele ka-Israyeli.
Kuzo zonke izinengiso owazenza, nobufebe bakho, awuzikhumbulanga izinsuku zobusha bakho, ngesikhathi wawunqunu, uhamba ze, ungqashangqasha egazini lakho.
“Noma angaba yindodana enempumelelo kubafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaSimakade ovela ehlane; umthombo wakhe uyakuba namahloni, isiphethu sakhe sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, nazo zonke izinto eziyigugu.
Manje-ke sengizokwembula ihlazo lakhe zizibonela ngawazo amehlo izithandwa zakhe, futhi akukho namunye oyakumhlenga esandleni sami.
Izimpondo ezilishumi ozibonileyo nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe zisibhubhise, zisihlubule sibe ze, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo.
Ngaleso sikhathi wayesomile kakhulu, wakhala kuSimakade wathi: “Wenze lokhu kukhululwa okukhulu ngesandla senceku yakho. Sengizakufa yini ukoma bese ngiwela ezandleni zabangasokile, na?”