Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 4:26 - IsiZulu 2020

26 Ngabuka; bheka, izwe elivundileyo laliyihlane, nemizi yalo yonke yayidiliziwe phambi kukaSimakade, naphambi kwentukuthelo yakhe evuthayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Ngabuka; bheka, izwe elivundileyo laliyihlane, nemizi yalo yonke yayidiliziwe ebusweni bukaJehova naphambi kolaka lwakhe oluvuthayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngabona, bheka, indawo ethelayo yayiyihlane, nayo yonke imizi yayo yayibhidliziwe phambi kobuso bukaJehova nangenxa yolaka lwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 4:26
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

nezwe elivundileyo laba wugwadule lukasawoti ngenxa yobubi yababehleli kulo.


Wena, yebo, Wena uyesabeka; ngubani ongema phambi kwakho lapho uthukuthele na?


Bahlwanyela ukolo, bavune ameva; bazikhandlile, kodwa abazuzanga lutho. Yebo, dumalani ngenxa yezithelo zenu ngenxa yokuvutha kolaka lukaSimakade.”


Kuyoze kube nini izwe ligagadekile, nemifino yonke yasendle ibuna na? Ngobubi babakhileyo kulo; izilwane nezinyoni kuyashabalala, ngokuba bathi: “Akayukusibona isiphetho sethu.”


Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo, lezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBhabhele iminyaka engama-70.


Emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema ngiyakuwuthulisa umsindo wokujabula nowokuthokoza, nezwi lomyeni nelikamakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.’ ”


Ngiyakukhala, ngilile ezintabeni, nasemadlelweni asehlane, ngikhihle isililo; ngokuba aqothuliwe, akukho muntu owedlula kuwo, akuzwakali nakukhala kwemfuyo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


INkosi yalilahla i-althare layo, yashiya indawo yayo engcwele; izindonga zezigodlo zamakhosi ayo yazinikela esitheni. Sabanga umsindo omkhulu endlini kaSimakade kwangathi kungosuku lomkhosi.


Ngiyakuyenza imizi yenu ukuba ibhidlizwe, ngizenze izindawo zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angiyukuhogela unqambothi lwephunga lenu elimnandi.


Ngakho-ke ngenxa yenu iZiyoni liyakulinywa libe yinsimu, neJerusalema libe yindunduma yencithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka