Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 2:4 - IsiZulu 2020

4 Angiyukubazwela abantwana bakhe, ngokuba bangabantwana bobufebe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Angiyikuhawukela abantwana bakhe, ngokuba bangabantwana bobufebe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kangiyikuba lesihawu kubantwana bakhe; ngoba bangabantwana bobufebe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 2:4
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ukuba uJoramu ambone uJehu, wayesethi: “Uze ngokuthula yini, Jehu na?” Wathi: “Ukuthula kwani, kusekuningi kangaka ukufeba nokulumba kukanyoko uJezebheli?”


Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa, kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo. Ngokuba laba bantu bayisizwe esingenakuqonda; owabenzayo akayukubahawukela, nowababumbayo akayukuba namusa kubo.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Iphi incwadi yesehlukaniso engimlahle ngayo? Ngumuphi konyoko engimxoshile, ngubani enginesikweletu naye, engithengise ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngenxa yobubi benu, nangeziphambeko zenu; unyoko walahlwa.


“Sondelani nina madodana abahlola imihlola, nina nzalo yesiphingi neyesifebe.


Ngiyobaphahlaza; omunye kumfowabo, oyise nezingane kanyekanye,’ ” kusho uSimakade. “Angiyukubahawukela, angiyukuba nasisa, angiyukuba nasihe kubo, ukuba ngingababhubhisi.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ungangeni endlini okulilwa kuyo, ungayi ukuyolila, ungabakhombisi uzwelo, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu, kanye nomusa, nobubele bami,” kusho uSimakade.


Ngiyakumelana nawe ngenxa yesikhwele enginaso ngawe, bakuphathe ngonya, banqume ikhala lakho nezindlebe zakho, kuthi abaseleyo bakini, bafe ngenkemba. Bayakuthatha amadodana akho namadodakazi akho, bese kuthi insali yakini, idliwe ngumlilo.


Ngakho-ke ngizomelana nabo ngokuthukuthela kwami, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukuba nasisa kubo, ngisho bangakhala, bamemeze ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyukubezwa.”


“Nami-ke, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukubanaso isisa kubo, kodwa ngiyakwehlisela lokho abakwenzileyo phezu kwamakhanda abo.”


Lapho uSimakade eqala ukukhuluma ngoHoziya, wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bokuphingwa, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uSimakade.”


UGomeri wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. USimakade wathi kuHoziya: “Iqambe igama uthi: ‘uLo Ruhama,’ ngokuba angisayukuphinde futhi ngiyizwele indlu yakwa-Israyeli ukuba impela ngibathethelele.


Abethembekanga kuSimakade, ngokuba bazale amavezandlebe, manje-ke inyanga eyethwasayo iyakubashwabadela nezabelo zabo.


Yayisiphendula ingelosi kaSimakade, yathi: “Simakade Wamabandla, kuyoze kube nini ungalihawukeli iJerusalema nemizi yakwaJuda oyithukuthelele le minyaka engama-70 na?”


Nina nenza imisebenzi kayihlo.” Bathi kuye: “Thina asisibo abantwana bokuphingwa; sinoBaba munye, uNkulunkulu.”


Ngakho-ke bhekani ubumnene nobunzima besandla sikaNkulunkulu kulabo abawa kanzima; kodwa bukuwe ubumnene bukaNkulunkulu, inqobo nje uma uhleli ebubeleni bakhe; nxa kungenjalo, nawe uzakunquma.


Ngakho-ke unesihawu kulowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


Ngokuba ukwehlulela akuyukuba nasihawu kulowo ongabanga nesihe; isihawu siyakunqoba phezu kokwehlulela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka