Kwaba khona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaDavide nendlu kaSawule. UDavide wadlondlobala ngamandla, kodwa indlu kaSawule yaya ngokuya iba ntekenteke.
Esteri 9:4 - IsiZulu 2020 UMoridekhayi waba ngumuntu omkhulu esigodlweni, nodumo lwakhe lwanda kuzo zonke izifundazwe, waqhubeka njalo waba ngumuntu onamandla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uMoridekayi wayemkhulu endlini yenkosi, nodumo lwakhe lwahamba ezifundeni zonke, ngokuba lowo muntu uMoridekayi wayelokhu ekhula njalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uMoridekayi wayemkhulu endlini yenkosi, nodumo lwakhe lwaphumela ezifundeni zonke, ngokuba lowo muntu uMoridekayi waba mkhulu ngokuba mkhulu. |
Kwaba khona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaDavide nendlu kaSawule. UDavide wadlondlobala ngamandla, kodwa indlu kaSawule yaya ngokuya iba ntekenteke.
Igama likaDavide laphumela emazweni wonke; uSimakade wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.
Zonke izinto ezinkulu, nezimangalisayo azenzayo, nendaba yonke yokukhushulelwa kukaMoridekhayi esikhundleni esikhulu, kubhaliwe emilandweni yamakhosi amaMediya namaPheresiya.
Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.
Wangikhulula kubantu abangivukelayo. Wangimisa ngaba yinhloko yezizwe, abantu engingabazi bangikhonza.
USimakade wabenzela umusa abantu phambi kwabaseGibhithe. Ngaphezu kwalokho uMose uqobo wayeyindoda eqavileyo eGibhithe, naphambi kwezinceku zikaFaro, naphambi kwabantu.
Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.
Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.
Uyabona-ke, ngaleso sikhathi ngiyakubhekana ngqo nabo bonke abakuhluphayo, ngisindise abaqhugayo, ngiqoqe abaxoshiweyo, ngibenze babe nodumo negama abahlazeka emhlabeni wonke.
Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa.
“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.