Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 10:2 - IsiZulu 2020

2 Zonke izinto ezinkulu, nezimangalisayo azenzayo, nendaba yonke yokukhushulelwa kukaMoridekhayi esikhundleni esikhulu, kubhaliwe emilandweni yamakhosi amaMediya namaPheresiya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Zonke izenzo zegunya lakhe namandla akhe, nayo yonke indaba yobukhulu bukaMoridekayi inkosi eyayimkhulisela kubo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi aseMediya nasePheresiya na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Zonke izenzo zamandla akhe, namandla akhe, nesimemezelo sobukhulu bukaMoridekayi, inkosi eyamkhulisa ngabo, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi aseMediya nasePheresiya?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 10:2
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ezinye izindaba zikaSolomoni, nakho konke akwenzayo, nokuhlakanipha kwakhe, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zikaSolomoni na?


Ezinye izindaba zikaJerobhowamu, ukuthi walwa kanjani nokuthi wabusa kanjani, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.


Ezinye izindaba zika-Ahabi, konke akwenzayo, indlu yezimpondo zendlovu ayakhayo, nayo yonke imizi ayakhayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?


Lwaphenywa lolo daba kwatholakala ukuthi luyiqiniso, ngakho-ke laba bathenwa ababili balengiswa esiphanyekweni. Le ndaba yabhalwa phansi emilandweni yenkosi phambi kwayo.


Ngalobo busuku inkosi yaqwasha, yase iyala ukuba kulethwe kuyo umqulu womlando okubhalwe kuwo izehlakalo zemihla ngemihla zombuso wayo, zafundwa phambi kwenkosi.


Ngesikhathi uMoridekhayi ephuma esigodlweni wayegqoke ingubo yasebukhosini enokuluhlaza sasibhakabhaka nokumhlophe, umjiva welineni elicolekileyo elibukhwebezane, nomqhele omuhle ocwebezelayo wegolide. Kwachwaza umuzi waseShushani ngomsindo wenjabulo nentokozo.


Inkosi yathatha indandatho yayo yokusicilela, leyo eyayiyephuce uHamani, yayinika uMoridekhayi. U-Esteri waqoka uMoridekhayi ukuba engamele indlu kaHamani.


UMoridekhayi waba ngumuntu omkhulu esigodlweni, nodumo lwakhe lwanda kuzo zonke izifundazwe, waqhubeka njalo waba ngumuntu onamandla.


Wena unginike isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singiphasile, ubukhona bakho bungenze ngaba mkhulu.


Inkosi yamkhulisa uDaniyeli, yamupha izipho eziningi ezinkulu, yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBhabhele, abe ngumholi wababusi babahlakaniphileyo baseBhabhele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka