Impela ngiyinceku yakho Simakade, ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho, uzikhumulile izintambo zami.
AmaHubo 86:16 - IsiZulu 2020 Phendukela ngakimi, ube nomusa kimi, inceku yakho yiphe amandla akho, usindise indodana yencekukazi yakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Phendukela kimi, ube nomusa kimi, uyiphe inceku yakho amandla akho, usindise indodana yencekukazi yakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Phenduka kimi, ube nomusa kimi; nika amandla akho encekwini yakho, ukhulule indodana yencekukazi yakho. |
Impela ngiyinceku yakho Simakade, ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho, uzikhumulile izintambo zami.
Izitha zami zihambe zikhuluma okubi ngami, zithi: “Uzofa nini, igama lakhe lingabe lisaphathwa na?”
Ngiphendule, Simakade, ngokuba umusa wakho muhle, ngokwesihawu sakho esikhulu, phendukela ngakimi.
Kuyothiwa ngami: ‘KukuSimakade kuphela ukulunga namandla.’ ” Bonke ababemthukuthelele bayakufika kuye, bajabhe.
Ngiyakubaqinisa kuSimakade; bahambe egameni lakhe,” kusho uSimakade Wamabandla.
UMariya wathi: “Ngiyincekukazi yeNkosi; makwenzeke kimi njengezwi lakho.” Ingelosi yemuka kuye.
ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuba niqiniswe emandleni kumuntu wangaphakathi ngoMoya wakhe.
niqiniswe ngokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, ukuze nikwazi ukuqinisela kukho konke, nibekezela ngokujabula,