Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 84:5 - IsiZulu 2020

5 Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe; ezinhliziyweni zabo zisezinhliziyweni zabo izindlela zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 84:5
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaSimakade.”


Bhekani, bongani uSimakade nina nonke zinceku zakhe, enimi endlini kaSimakade ebusuku.


Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”


Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokhu ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.


Besihlala ndawonye kamnandi; besihamba simshungu munye siya endlini kaNkulunkulu nebandla elithokozayo.


Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu. Wena uyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude,


Halalisani kuNkulunkulu ongamandla ethu, nimemeze ngenjabulo kuNkulunkulu kaJakobe.


Ebusuku umphefumulo wami uyakulangazelela, ngiyokufunisisa ngomoya ongaphakathi kwami. Ngokuba lapho izehlulelo zakho zisemhlabeni, izakhamuzi zasemhlabeni zifunda ukulunga.


Kuyothiwa ngami: ‘KukuSimakade kuphela ukulunga namandla.’ ” Bonke ababemthukuthelele bayakufika kuye, bajabhe.


“Kepha yilesi isivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli, emveni kwalezo zinsuku,” kusho uSimakade: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Ngokuba kuyakuba khona usuku abayakumemeza ngalo abalindi, entabeni yakwa-Efrayimi, bathi: ‘Sukani, asikhuphukele eZiyoni kuSimakade uNkulunkulu wethu.’ ”


Izizwe eziningi ziyakufika zithi: “Wozani, masikhuphukele entabeni kaSimakade, nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise ezindleleni zakhe, size sikwazi ukuhamba emikhondweni yakhe, ngokuba eZiyoni kuyakuvela umthetho, nezwi likaSimakade eJerusalema.


Ngiyakubaqinisa kuSimakade; bahambe egameni lakhe,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kodwa yathi kimi: “Umusa wami ukwanele, ngokuba amandla ami ayapheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho-ke kunalokho ngiyakujabulela ukuzigabisa ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKhristu ahlale phezu kwami.


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka