Ngase ngibiza igama likaSimakade, ngathi: “Ngiyakuncenga, Simakade, hlenga umphefumulo wami.”
AmaHubo 6:4 - IsiZulu 2020 Buya, Simakade, ukhulule impilo yami, ngisindise ngenxa yesihe sothando lwakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami, ungisindise ngenxa yesihawu sakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Buya, Jehova, usindise umphefumulo wami; ngisindise ngenxa yomusa wakho. |
Ngase ngibiza igama likaSimakade, ngathi: “Ngiyakuncenga, Simakade, hlenga umphefumulo wami.”
Impela uwuhlengile umphefumulo wami ekufeni, namehlo ami, ezinyembezini, nezinyawo zami, ekukhubekeni.
Kuyoze kube nini ngithwele ubuhlungu emphefumulweni wami, nosizi enhliziyweni yami, usuku lonke na? Kuyoze kube nini isitha singiqonela na?
Yima ngomumo, Simakade, ubhekane nazo, ziqumbe phansi. Sindisa umphefumulo wami ngenkemba yakho,
Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami, ngokwesihawu sakho ngikhumbule, ngenxa yokulunga kwakho, Simakade!
Kepha mina ngikhuleka kuwe, Simakade. Ngesikhathi esifanele, Nkulunkulu, ngobukhulu bomusa wakho, ngiphendule ngeqiniso lensindiso yakho.
Nkulunkulu, kuyoze kube nini umcindezeli esithuka, isitha sihlala sihlambalaza igama lakho na?
Kuyoze kube nini, Simakade, ulokhu uthukuthele, isifithifithi solaka lwakho sivutha njengomlilo na?
Nkulunkulu Wamabandla, phenduka, siyakucela, bheka phansi usezulwini, ubone, bese uwunakekela lo mvini,
ngokuba umusa wakho phezu kwami mkhulu, ukhulule umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.
Impela, kwakungenxa yami ukuba ngibe nomunyu omkhulu; nguwena owawuthanda umphefumulo wami, waze wawophula egodini lokubhujiswa, ngokuba uzintshinge emuva kwakho zonke izono zami.
Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.
Kusukela ezinsukwini zokhokho benu niphambukile ezimisweni zami, nangazigcina. Buyelani kimi, nami ngizobuyela kini,” kusho uSimakade Wamabandla. Kodwa niyabuza nithi: “Sizobuyela kanjani na?”