Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 13:2 - IsiZulu 2020

2 Kuyoze kube nini ngithwele ubuhlungu emphefumulweni wami, nosizi enhliziyweni yami, usuku lonke na? Kuyoze kube nini isitha singiqonela na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Koze kube nini ngikhathazeka emphefumulweni wami, nginosizi enhliziyweni yami usuku lonke, na? Koze kube nini isitha sami siziphakamisa phezu kwami na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Koze kube nini ngizindla emphefumulweni wami, nginosizi enhliziyweni yami, na? koze kube nini isitha sami singibusa na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 13:2
44 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yathi kimi: “Kungani ubuso bakho budangele wena ube ungaguli na? Lokhu kufanele kube ngukudangala okuvela enhliziyweni.” Ngesaba kakhulu.


U-Esteri wathi: “Umuntu omelene nathi, isitha, yilo Hamani okhohlakeleyo.” Kwaphela nasozwaneni wuvalo kuHamani, phambi kwenkosi nendlovukazi.


Uma ngenzile okubi, maye kimi! Uma bengilungile, bengingayukuliphakamisa ikhanda lami, lokhu ngisuthi ihlazo, ngibona ukuhlupheka kwami.


umela izintandane nabacindezelweyo, ukuze kungabi bikho namunye emhlabeni, ozoba yingozi komunye.


Izintambo zokufa zingithandele, nobuhlungu bendawo yabafileyo bungibambile, ngibhekene nosizi nezinhlupheko.


kwababi abangicindezelayo, nasezitheni zami ezingihaqileyo.


Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa.


Sengingawa noma yinini, ubuhlungu bami buphambi kwami, izikhathi zonke.


Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokhu ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.


Buya, Simakade, ukhulule impilo yami, ngisindise ngenxa yesihe sothando lwakho.


funa bangidwengule njengengonyama, bangidweshule kungekho ongikhululayo.


Nkulunkulu, kuyoze kube nini umcindezeli esithuka, isitha sihlala sihlambalaza igama lakho na?


Simakade, khumbula lokhu, isitha sisethukile, nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.


Emlonyeni wezingane nowabancelayo, umisile amandla ngenxa yezitha zakho, ukuze ushabalalise isitha nomphindiseli.


Izitha ziphelile, zabhujiswa, wayisiphula imizi yazo, kwaphela nya ukukhunjulwa kwazo.


Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso buchachambe, kodwa ngosizi olusenhliziyweni umoya uyephuka.


Yebo, zonke izinsuku zakhe uzichithele ebumnyameni nasosizini, nasekukhathazekeni nasekuguleni nasolakeni.


Kungani ubuhlungu bami bungapheli, nenxeba lami lingelapheki na? Liyala ukuphola; impela kimi ufana nomfudlana okhohlisayo, nanjengamanzi angethembekile.


wena uthe: ‘Maye kimi! Ngokuba uSimakade wenezele usizi ezinhlungwini zami, ngikhathele ukububula, angikutholi ukuphumula.’


Akukho ukududuzeka ngosizi lwami, inhliziyo yami idangele.


Abamelene nalo sebephenduke banjengamakhosi, izitha zalo zinokuthula. USimakade ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo. Izingane zalo sezihambile, zisekuthunjweni, ebusweni besitha.


Ukungcola kwalo kusemphethweni wezingubo zalo, alicabanganga ngomphumela wokona kwalo, liwile ngendlela emangalisayo, akekho ongaliduduza. Bheka Simakade, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sinqobile.


Usikhohlweleni isikhathi eside kangaka na? Usilahleleni izinsuku eziningi kangaka na?


Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu, kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.”


Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla ukuba nimelane nami, kepha manje yithuba lenu leli, namandla obumnyama.”


Ngokuba ngikhulume lokhu kini, inhliziyo yenu isigajwe wusizi.


ukuthi nginosizi olukhulu nobuhlungu obungapheliyo enhliziyweni yami,


Impela wayegula, kwembulwa kwembeswa, kodwa uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, nami imbala wangihawukela, ukuze ngingabi nosizi phezu kosizi.


Kwakhula kakhulu kuSawule ukumesaba uDavide. USawule wayeyisitha sikaDavide sonke isikhathi.


Ngubani owake wathi esesifumene isitha sakhe, wasiyeka sahamba siphephile na? USimakade makakuphindisele ngokuhle ngalokhu okwenze kimi namuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka