Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 13:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Koze kube nini ngikhathazeka emphefumulweni wami, nginosizi enhliziyweni yami usuku lonke, na? Koze kube nini isitha sami siziphakamisa phezu kwami na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Kuyoze kube nini ngithwele ubuhlungu emphefumulweni wami, nosizi enhliziyweni yami, usuku lonke na? Kuyoze kube nini isitha singiqonela na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Koze kube nini ngizindla emphefumulweni wami, nginosizi enhliziyweni yami, na? koze kube nini isitha sami singibusa na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 13:2
44 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yathi kimi: “Ubuso bakho bubipheleni, lokhu ungaguli, na? Lokhu kungukudabuka kwenhliziyo kuphela.” Ngase ngesaba kakhulu.


U-Esteri wathi: “Ngumuntu omelene nathi, oyisitha, uHamani lo omubi.” UHamani wayeseshaywa luvalo phambi kwenkosi nenkosikazi.


Uma nginecala, maye kimi! Noma bengilungile, bengingayikuphakamisa ikhanda lami, lokhu ngisuthi ngehlazo, ngibona ukuhlupheka kwami.


ukuba wahlulele intandane nocindezelweyo, ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esabanga uvalo.


Izintambo zokufa zangizungeza, nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba; ngafumana ukuhlupheka nosizi.


kubo ababi abangilimazayo, kuzo izitha zokuphila kwami ezingihaqileyo.


Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa.


Ngokuba ngiseduze kokuwa, nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.


Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.


Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami, ungisindise ngenxa yesihawu sakho.


ngisindise kubo bonke abangizingelayo, ungikhulule, bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyama eklebhula, kungekho okhululayo.


Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka, isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na?


Khumbula lokhu, Jehova, ukuthi isitha sithukile, nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.


Ngomlomo wezingane nowabancelayo wagxilisa amandla ngenxa yabamelene nawe ukuba uthulise isitha nophindisayo.


Izitha ziphelile, zachitheka kuze kube phakade; imizi wayisimbula, ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya.


Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle, kepha ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya.


Yebo, zonke izinsuku zakhe zisebumnyameni nasosizini, nasekukhathazekeni okuningi, nasekuguleni, nasekuthukutheleni.


Yini ukuba ubuhlungu bami bube khona njalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?


Uthi wena: ‘Maye kimina! Ngokuba uJehova wenezele usizi ebuhlungwini bami, ngikhathele ukukhala, nokuthula angikufumani.’


Alunakududuzeka kimi usizi oluphezu kwami, inhliziyo yami idangele.


Abamelene nalo sebe yinhloko, izitha zalo zinokuthula, ngokuba uJehova ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo; izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.


Ukungcola kwalo kwakusemaphethelweni alo, alikhumbulanga ukuphela kwalo; lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi. Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile.


Usikhohlelwani kuze kube phakade, usishiye izinsuku eziningi, na?


Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.”


Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.”


Kepha ngokuba ngikhulume lokho kini, inhliziyo yenu igcwele usizi.


ukuthi nginokudabuka okukhulu nobuhlungu obungapheliyo enhliziyweni yami.


Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, wangihawukela nami, ukuze ngingabi nalusizi phezu kosizi.


USawule wayesemesaba uDavide kakhulu; uSawule wayeyisitha sikaDavide sonke isikhathi.


Ngokuba uma umuntu efica isitha sakhe, uyasivumela ukuba sihambe ngendlela enhle na? UJehova makakuphindisele ngokuhle ngokwenzileyo kimi namuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka