Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 6:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami, ungisindise ngenxa yesihawu sakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Buya, Simakade, ukhulule impilo yami, ngisindise ngenxa yesihe sothando lwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Buya, Jehova, usindise umphefumulo wami; ngisindise ngenxa yomusa wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 6:4
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, khulula umphefumulo wami.”


Yebo, ukhululile umphefumulo wami ekufeni, amehlo ami ezinyembezini, nezinyawo zami ekuweni.


Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga nasolimini lwenkohliso.


UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke; uyakulonda umphefumulo wakho.


Koze kube nini ngikhathazeka emphefumulweni wami, nginosizi enhliziyweni yami usuku lonke, na? Koze kube nini isitha sami siziphakamisa phezu kwami na?


Vuka, Jehova, umhlangabeze, umwise phansi; sindisa umphefumulo wami komubi ngenkemba yakho,


Sindisa umphefumulo wami enkembeni, ukuphila kwami emandleni ezinja.


Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.


Kodwa mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova esikhathini sokuzwelwa, Nkulunkulu; ngenxa yomusa wakho omkhulu ngiphendule eqinisweni lensindiso yakho.


Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka, isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na?


Koze kube nini, Jehova, uthukuthele njalo, ukushisekela kwakho kuvutha njengomlilo, na?


Nkulunkulu Sebawoti, mawubuye; bheka usezulwini, ubone, unakekele lo mvini,


Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami, ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.


Buya, Jehova! Koze kube nini na? Hawukela izinceku zakho.


Bheka, kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu; wena wawuthanda umphefumulo wami, waze waphuma egodini lokubhujiswa, ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.


Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.


Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami, anizigcinanga. Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini,” usho uJehova Sebawoti. “Nokho nithi: ‘Siyakubuyela kanjani?’


ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka