USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.
AmaHubo 146:4 - IsiZulu 2020 Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe, ngalo lolo suku amacebo akhe ayaphela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela. Contemporary Zulu Bible 2024 Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku ingqondo yakhe yaphela. |
USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.
Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”
Bheka, Mina ngizokwehlisa uzamcolo emhlabeni, ubhubhise konke okuphilayo phansi komthunzi welanga, kufe konke okuphefumulayo emhlabeni.
Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.
uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye.
Kubo uthando nenzondo nomona sekuphelile, abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi komthunzi welanga.
Ogcotshiweyo kaSimakade, ongukuphila nomphefumulo wethu, wakhalakathela emigodini yabo, esathi ngaye: “Uyoba ngumthunzi wethu wokukhosela phakathi kwezizwe.”
kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.
Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma kulabo asebekhulile, kodwa lokhu ngukuhlakanipha okungesikho okwalesi sikhathi noma okwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo.