Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 5:23 - IsiZulu 2020

23 kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho; wena nezinduna zakho, nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo, utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni, abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kodwa wena uziphakamisile eNkosini yezulu; aletha izitsha zendlu yakhe phambi kwakho, wena nezikhulu zakho, omkekho, nezancinza zakho naphuza ngazo iwayini; utusile onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabemithi, nabetshe, abangaboniyo, abangezwa, nabangazi; futhi uNkulunkulu okuphefumula kwakho kusesandleni sakhe, futhi owakhe zonke izindlela zakho, awumkhazimulisanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 5:23
47 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wambusisa u-Abhrama wathi: “U-Abhrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba.


USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.


Umnqobile impela u-Edomi; inhliziyo yakho isiqhoshile; dumiseka ngalokho, uhlale ekhaya. Kungani ufuna uthuthuva, bese uwa, wena noJuda wonkana na?”


Esandleni sakhe kukhona imiphefumulo yakho konke okuphilayo, kanjalo nomoya wabo bonke abaphilayo.


Ngabe akaziboni yini izindlela zami, azibale zonke izinyathelo zami na?


Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.


Izulu lingelikaSimakade, kepha umhlaba wawabela abantwana babantu.


Uhlola ukuhamba kwami nokulala kwami, uzazi zonke izindlela zami.


Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe, ngalo lolo suku amacebo akhe ayaphela.


Zonke izinyathelo zomuntu ziqondiswa nguSimakade; pho umuntu angayiqonda kanjani indlela yakhe na?


Umhlaba ngiyokuwujezisela iziphambeko zawo, nezikhohlakali, izono zazo, ngiyoqeda ukuzidla kwabaphakameyo, ngikuqede ukwedelela kwabacindezeli.


Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyokhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; ngiyohlala entabeni yomhlangano ngasemaphethelweni aseZafoni.


Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa;


“Manje sengizovuka” kusho uSimakade; “manje sengizophakanyiswa, sengizophakanyiswa impela.


aphonsa onkulunkulu bazo emlilweni, nakuba bebengesibo onkulunkulu, bebengumsebenzi wezandla zomuntu, bewukhuni namatshe nje, ngakho-ke babhujiswa.


Ngubani lona omedelelile, nomethukile na? Ngubani lona omphakamisele izwi lakho, nobhekisa amehlo akho phezulu, umqhoshela na? Ngabe ukwenza lokhu koNgcwele ka-Israyeli!


Usho kanje uNkulunkulu uSimakade owadala izulu, waleneka, wendlala umhlaba nokuvela kuwo; onika abantu abakuwo umphefumulo nomoya kwabahamba kuwo, uthi:


Simakade, ngiyazi ukuthi indlela yomuntu ayikho ezandleni zakhe ukuba aqondise izinyathelo zakhe uma ehamba.


“Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuSimakade; uMowabi makahuquzele ebuhlanzweni bakhe, abe yinhlekisa futhi.


Ngumsindo wababalekayo nabaphunyuka eBhabhele, bamemezela eZiyoni impindiselo kaSimakade uNkulunkulu wethu, impindiselo ngethempeli lakhe!


“Bizani abemicibisholo, balwe neBhabhele; bonke abansala umnsalo, nikanise nxazonke zalo, kungaphunyuki namunye; niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengoba nalo lenzile, ngokuba lizikhukhumezile, ladelela uSimakade oNgcwele ka-Israyeli.


Inhliziyo yakho yakhukhumala ngenxa yobuhle bakho, wakonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho. Ngakuqumba phansi, ngabeka amakhosi ukuba akuqaphe.


“Ndodana yomuntu, yisho kumbusi waseThire, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Uqhoshile enhliziyweni yakho, wathi: “ ‘ “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sonkulunkulu, phakathi olwandle.” “ ‘Ingani wena ungumuntu nje, awusiye unkulunkulu, nakuba wenze inhliziyo yakho yaba njengekankulunkulu.


ngokuhlakanipha kwakho okukhulu, ekuhwebeni wandise ingcebo yakho; inhliziyo yakho yaqhosha ngenxa yomcebo wakho.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Njengoba ubuphakeme ngobude, wafinyelelisa isihloko sawo phakathi kwamafu, nenhliziyo yawo yazikhukhumeza ngenxa yokuphakama kwawo,


Kepha lapho isixuku sesisusiwe, inhliziyo yayo iyakuziphakamisa, iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyukuba namandla.


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


Yebo, lwazikhulisa kwaze kwaba kumkhuzi webandla, lwasaphuca umnikelo oshiswa imihla yonke, nendawo yendlu yaso engcwele yaphonswa phansi.


Bheka, uyazikhukhumeza, ingaphakathi lakhe aliqotho, kodwa olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.


futhi akakhonzwa ngezandla zabantu, kube sengathi udinga utho oluthile. NguYena obapha ukuphila nokuphefumula nakho konke.


Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe yinto engelutho emhlabeni, nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.


Umphathi makangabi ngumuntu osanda kukholwa, funa athi ngokuphakama, awele ekulahlweni kukaSathane.


Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


Kepha abanye abantu abangabulawanga ngalezo zinhlupheko abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo, ukuba bangakhuleki kuwo amadimoni, nakuzo izithombe zegolide, ezesiliva, ezethusi, ezamatshe, ezemithi, ezingaboni, ezingezwa, nezingahambi.


Amakhosi amaFilisti abuthanela ukuzokwenza umhlatshelo omkhulu kunkulunkulu wawo uDagoni, nokuba athokoze, ngokuba ayethi: “Unkulunkulu wethu unikele uSamsoni isitha sethu esandleni sethu.”


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?”


Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka