Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 5:22 - IsiZulu 2020

22 “Nawe ndodana yakhe, Bhelishazari, awuyithobisanga inhliziyo yakho, nakuba ukwazi konke lokho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Nawe ndodana yakhe, Belishasari, awuthobanga inhliziyo yakho, noma wazi konke lokho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Nawe, ndodana yakhe, Belishasari, awuzithobanga inhliziyo yakho, noma ukwazi konke lokhu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 5:22
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Akazithobanga phambi kukaSimakade njengoba kwazithoba uManase, uyise, kodwa yena u-Amoni wenza okubi okuningi.


Wenza okubi phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe. Akazithobanga phambi kukaJeremiya, umphrofethi owayengumlomo kaSimakade.


Ngizokhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.


UMose no-Aroni baya kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wamaHebheru uthi: ‘Kuyoze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Vumela abantu bami ukuba bahambe, ukuze bayongikhonza.


Umhlaba ngiyokuwujezisela iziphambeko zawo, nezikhohlakali, izono zazo, ngiyoqeda ukuzidla kwabaphakameyo, ngikuqede ukwedelela kwabacindezeli.


Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyokhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; ngiyohlala entabeni yomhlangano ngasemaphethelweni aseZafoni.


Uma omubi enzelwa umusa akakufundi ukulunga; ezweni lobuqotho wenza ukonakala, angabuboni ubukhosi bukaSimakade.


“E, nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukhadinezari uyihlo umbuso, ubukhulu, udumo, nobukhosi.


Lokhu uJohane wayesho kuye ukuthi: “Awuvunyelwe ukuba umthathe.”


Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye, kodwa abathelisi nezifebe bakholwa nguye. Kepha nina, nakuba nikubona akwenzileyo, aniguqukanga nakamuva ukuba nikholwe nguye.”


“Inceku eyaziyo ukuthi inkosi ifunani, kodwa ingazilungiseleli ukwenza lokho okufunwa yinkosi, iyakushaywa imivimbo eminingi.


Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza.


Ngakho-ke lowo okwaziyo okuhle okumele akwenze, kodwa angakwenzi, wenza isono.


Kepha unikeza umusa kakhulu ngakho, uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka