Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 5:21 - IsiZulu 2020

21 waxoshwa kubantwana babantu. Inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, wahlala nezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka amthandayo phezu kwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 waxoshwa kubantwana babantu; inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, nenhlalo yakhe yayinezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka phezu kwayo amthandayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Futhi waxoshwa phakathi kwabantwana babantu; inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, nokuhlala kwakhe nezimbongolo zasendle; waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke uyabusa embusweni wabantu, nokuthi umisa phezu kwawo lowo athanda ukummisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 5:21
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe? Ngubani owathukulula izibopho zayo,


Zonke izihlahla zasendle ziyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngenza isihlahla eside sibhashe kuthi esibhashile ngisenze sikhule sibe side. Ngiyasomisa isihlala esiluhlaza, bese ngisihlumisa esomileyo sibe luhlaza. “ ‘Mina Simakade ngikhulumile futhi ngiyakukwenza lokho.’ ”


Wamemeza kakhulu, esho kanje, ethi: ‘Gawula isihlahla, unqume amagatsha aso, uvuthulule amaqabunga aso, uhlakaze izithelo zaso. Izilwane mazisuke phansi kwaso, nezinyoni emagatsheni aso.


“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, abeke phezu kwayo ozithobayo kubantu.’


nguwe nkosi okhulile waqina, ngokuba ubukhulu bakho bukhulile, bufinyelele ezulwini, nokubusa kwakho kuze kube sekugcineni komhlaba.


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


Njengalokho bayaleza ukuba kushiywe isiqu sezimpande zesihlahla, umbuso wakho uyakuqina kuwe, lapho usufundile ukuthi izulu liyabusa.


Ngasekugcineni kwezinsuku mina, Nebukhadinezari ngaphakamisela amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;


bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


“E, nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukhadinezari uyihlo umbuso, ubukhulu, udumo, nobukhosi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka