Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 14:10 - IsiZulu 2020

10 Kepha umuntu uyafa, abe buthakathaka, umuntu obhubhile uphi na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha umuntu ofileyo uphelile; umuntu ogqabukileyo uphi na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kodwa umuntu uyafa aduke; yebo, umuntu unikela esinyeni, kanti uphi?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 14:10
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho uJakobe eseqedile ukukhuluma namadodana akhe, wagoqa izinyawo wazikhweza embhedeni, waphuma umphefumulo, wangcwatshwa nabakubo.


Ngokuba singabafokazi phambi kwakho, nezihambi njengabo bonke okhokho bethu; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.


“ ‘Wangivumelelani ukuba ngizalwe, ngiphume esibelethweni na? Ngangingafi ngani ngingakabonwa nangelilodwa iso na?


Kepha amehlo ezikhohlakali ayakufiphala; ayiyukuba bikho nendawo yokuphephela; ithemba lazo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”


Kuyakuba kuhle yini lapho eniphenya na? Ningamkhohlisa yini njengalokhu kukhohliswa umuntu na?


kanjalo umuntu ulala phansi, angabe esavuka, lize lingabi bikho izulu abayukuvuka, abayukuphaphanyiswa ebuthongweni babo.


ngephunga lamanzi uyakuhluma, uveze amagatsha njengesithombo.


Lapho sesishabalele isikhumba sami, ngiyakumbona uNkulunkulu ngingokhululekile emzimbeni.


uyakubhubha kuze kube phakade, njengendle yakhe; abambonayo bayakuthi: ‘Ukuphi na?’


“Kungani ngingafelanga esiswini na? Angibhubhanga ngani lapho ngiphuma esizalweni na?


Ngokuba manje ngabe ngilele, ngithule, ngabe ngilele ubuthongo, ngiphumule


Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”


Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.


Konke kuya endaweni eyodwa; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.


Ngubani owaziyo ukuthi umoya womuntu uyenyuka kuthi owesilwane wehlele emhlabeni na?”


UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.


Wawa ngokuphazima kweso ngasezinyaweni zikaPhethro, wafa. Izinsizwa zangena, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zamngcwaba nomyeni wakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka