UFaro wayesebiza u-Abhrama wathi kuye: “Yini le nto oyenze kimi na? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na?
AbAhluleli 2:2 - IsiZulu 2020 Nani-ke ningasenzi isivumelwano nezakhamuzi zakuleli lizwe. Bhidlizani ama-althare azo.’ Kepha aniwulalelanga umyalo wami. Bonani enikwenzileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha aniyikwenza sivumelwano nabakhe kuleli zwe; niyakudiliza ama-altare abo.’ Kodwa anililalelanga izwi lami. Nenzeleni lokho na? Contemporary Zulu Bible 2024 Aniyikwenza isivumelwano nabakhileyo kuleli zwe; niyakuwadiliza ama-altare abo, kepha anililalelanga izwi lami. Kungani wenze lokho? |
UFaro wayesebiza u-Abhrama wathi kuye: “Yini le nto oyenze kimi na? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na?
Wathi kuye: “Ukwenzeleni lokho na? Igazi lomnawakho liyakhala kimi lisemhlabathini!
UMose wathi ku-Aroni: “Benzeni kuwe laba bantu ukuba ubehlisele isono esingaka na?”
Ngakho-ke uzuzeni ngokuya eGibhithe uphuze amanzi eShihori na? Uzuzeni ngokuya e-Asiriya, ukuba uphuze amanzi omfula na?
Usheshelani kangaka ukuguqula indlela yakho na? NeGibhithe lizokujabhisa njengalokhu wajabhiswa yi-Asiriya.
Usho kanje uSimakade, uthi: “Bubi buni oyihlo ababufumana kimi, ukuba baze badede babe kude nami, balandele okuyize, baphenduke ize nabo na?
Uyakuziqeda nya zonke izizwe uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho aliyukuzihawukela, awuyukubakhonza onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.
iselangabini lomlilo, ukuba ijezise labo abangamaziyo uNkulunkulu nabangalilaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.
Kepha abakwa-Israyeli bathi kumaHivi: “Mhlawumbe nje nihlala phakathi kwethu; singasenza kanjani-ke isivumelwano nani, na?”
Manje sekuyisikhathi sokuba ukwehlulela kuqale endlini kaNkulunkulu, kepha uma kuqala kithi, siyakubanjani isiphetho salabo abangalilaleli ivangeli likaNkulunkulu na?
Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wathi: “Ngenxa yokuba laba bantu basephulile isivumelwano sami engabayala ngaso okhokho babo, futhi abalalelanga izwi lami,
ngathi kini: “NginguSimakade uNkulunkulu wenu, aniyukukhonza onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo,” kodwa anilalelanga izwi lami.’ ”
uSimakade wathumela umphrofethi kwabakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uSimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli: ‘Nganikhuphula eGibhithe, nganikhipha endlini yobugqila;
UGideyoni wenza ingubo yamahlombe, wayibeka emzini wakhe e-Ofira, bonke abakwa-Israyeli baphinga nayo lapho, yaba wugibe kuGideyoni nabomndeni wakhe.