Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 6:8 - IsiZulu 2020

8 uSimakade wathumela umphrofethi kwabakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uSimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli: ‘Nganikhuphula eGibhithe, nganikhipha endlini yobugqila;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 uJehova wathuma umprofethi kubantwana bakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngakukhuphula eGibithe, ngakukhipha endlini yobugqila,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJehova wathuma umprofethi kubantwana bakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Nganikhuphula eGibithe, nganikhipha endlini yobugqila;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 6:8
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nokho uSimakade wayemxwayisile u-Israyeli noJuda ngomlomo wabo bonke abaphrofethi nababoni, wathi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami, nenze wonke umthetho engabayala ngawo okhokho benu, nengawuthumela kini ngomlomo wezinceku zami, abaphrofethi.”


Noma kunjalo, wakunaka ukuhlupheka kwabo, ngesikhathi ezwa ukukhala kwabo.


Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila.


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


Lapho abakwa-Israyeli bekhala kuSimakade ngenxa yabakwaMidiyani,


nganikhulula esandleni sabaseGibhithe, nasesandleni sabo bonke ababenicindezela, ngabaxosha phambi kwenu, nganinika izwe labo;


Wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘U-Israyeli ngamkhuphula eGibhithe, ngamhlenga esandleni sabaseGibhithe, nasesandleni sayo yonke imibuso eyayimcindezela.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka