Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 2:18 - IsiZulu 2020

18 Ngakho-ke uzuzeni ngokuya eGibhithe uphuze amanzi eShihori na? Uzuzeni ngokuya e-Asiriya, ukuba uphuze amanzi omfula na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Manje unani endleleni eya eGibithe ukuba uphuze amanzi aseSihori, na? Unani endleleni eya e-Asiriya ukuba uwaphuze amanzi omfula na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Manje, unani endleleni yaseGibithe ukuba niphuze amanzi aseSihori na? unani endleleni yase-Asiriya ukuba niphuze amanzi omfula na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 2:18
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngaleso sikhathi inkosi u-Ahazi wathumela emakhosini ase-Asiriya ukuba azomsiza,


emanzini amaningi; imbewu yaseSihori nokuvuna kweNayili kwakuyinzuzo yalo; laliyindawo izizwe ezazithenga kuyo.


Maye, kulabo abehlela eGibhithe ukuyocela usizo, abethembele emahhashini nasezinqoleni zempi ngoba ziziningi, nakubagibeli bamahhashi ngokuba benamandla, kodwa bengabheki koNgcwele ka-Israyeli, bengamfuni uSimakade!


Ngalolo lusuku iNkosi iyakuphuca ngensingo eyiqashe ezifundeni ezingaphesheya komfula (okusho ukuthi inkosi yase-Asiriya), ikhanda neziboya emlenzeni, futhi iyihluthule isilevu.


Usheshelani kangaka ukuguqula indlela yakho na? NeGibhithe lizokujabhisa njengalokhu wajabhiswa yi-Asiriya.


Kuyoze kube nini uguquguquka, we ndodakazi ehlubukayo na? Ngokuba uSimakade udale into entsha emhlabeni: owesifazane uyakuyihaqa indoda .”


Amehlo ethu aze akhathala, silokhu silindele usizo oluyize, simi emibhoshongweni yethu, silinde isizwe esingenakusisindisa.


Sizinikele kwabaseGibhithe nakwabase-Asiriya, ukuze sithole isinkwa, sisuthe.


Wafeba nabantu base-Asiriya, ngokuba wawungeneliswa; yebo, wafeba nabo, kodwa kuze kube manje awukadeli.


Kepha inkosi yayivukela inkosi yaseBhabhele ngokuthumela izithunywa zayo eGibhithe, ukuba ithole amahhashi nabantu abaningi. Uyophumelela yini na? Uyophunyuka yini owenza lezi zinto? Uyophunyuka yini owephula isivumelwano na?


yikhona okwenze lokho kuwe, ngokuba ufebile, walandela abezizwe, wazingcolisa wena uqobo ngezithombe zabo.


“Kwathi lapho u-Efrayimi ebona ukugula kwakhe noJuda ebona isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi, kodwa nayo ayiyukukwazi ukuniphulukisa, iyakwehluleka ukwelapha isilonda senu.


“U-Efrayimi usenjengejuba elingenangqondo; babize iGibhithe, baya e-Asiriya.


kusuka eShihori elisempumalanga yeGibhithe kuya enyakatho emngceleni we-Ekhroni, elaziwa ngokuthi yiKhanani; kunababusi abayisihlanu bamaFilisti, abaseGaza, e-Ashidodi, e-Ashikeloni, e-Githi, nase-Ekhroni, nalabo base-Avimu ngasenyakatho,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka