Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 6:10 - IsiZulu 2020

10 ngathi kini: “NginguSimakade uNkulunkulu wenu, aniyukukhonza onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo,” kodwa anilalelanga izwi lami.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 ngathi kini: “NginguJehova uNkulunkulu wenu; aniyikwesaba onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo,” kepha kanilalelanga izwi lami.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngathi kini: NginguJehova uNkulunkulu wenu; ningabesabi onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha anililalelanga izwi lami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 6:10
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nokho uSimakade wayemxwayisile u-Israyeli noJuda ngomlomo wabo bonke abaphrofethi nababoni, wathi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami, nenze wonke umthetho engabayala ngawo okhokho benu, nengawuthumela kini ngomlomo wezinceku zami, abaphrofethi.”


Bamesaba uSimakade, baqhubeka nokukhonza onkulunkulu babo njengomthetho wezizwe ababethunjwe phakathi kwazo.


Kwaba kanjalo kubantu bakwa-Israyeli, ngokuba babonile kuSimakade uNkulunkulu wabo owayebakhuphule eGibhithe, phansi kwesandla sikaFaro, inkosi yakhona, besaba abanye onkulunkulu.


Wabexwayisa ukuba babuyele emthethweni wakho, kodwa baba nenkani, abaze bayilalela imiyalelo yakho nezehlulelo zakho. Bona bephula izimiso zakho, okuthi uma umuntu ezigcina aphile. Bakufulathela, baqinisa amakhanda, benqaba ukukulalela.


Qikelela ukuba ungenzi isivumelwano nabantu bezwe oya kulo, funa babe lugibe kuwe.


Ngokuba aniyukukhonza omunye unkulunkulu, lokhu uSimakade, ogama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu.


Angililalelanga izwi labafundisi bami; angibekanga indlebe yami kubo ababengifundisa.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ningayifundi indlela yabezizwe, ningashaywa wuvalo ngezibonakaliso esibhakabhakeni, ngokuba abezizwe bayazesaba.


nakuba bengalalelanga, bengayibekanga indlebe kepha bazenza lukhuni izintamo zabo, abalalelanga, futhi abakwemukelanga ukuqondiswa.


Kuphela, yazi ububi bakho ukuthi uhlubukile kuSimakade uNkulunkulu wakho, izindlela zakho wazihlakazela kwabezizwe, phansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” kusho uSimakade.


Masilale phansi sinamahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuSimakade uNkulunkulu wethu, thina nokhokho bethu, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu.”


Nginitshelile namuhla, kodwa anililaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngisho nokukodwa nje angithume khona kini.


UJohanani, indodana kaKhareya, abakhuzi bempi, nabantu bonke kabalilalelanga izwi likaSimakade lokuba bahlale ezweni lakwaJuda.


baya eGibhithe, ngokuba kabaligqizanga qakala izwi likaSimakade; baze bafika eThahiphanesi.


USimakade wathi: “Kungenxa yokuba bawushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo. Abalilalelanga izwi lami futhi abahambanga ngalo.


Awulilaleli izwi, awukwemukeli ukuyalwa, awethembeli kuSimakade, awusondeli kuNkulunkulu wawo.


Kepha abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Izaya, uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngumbiko wethu na?”


okuthe esephelelisiwe waba ngumthombo wensindiso yaphakade kubo bonke abamlalelayo.


Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uSimakade, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu besengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uSimakade.”


Nani-ke ningasenzi isivumelwano nezakhamuzi zakuleli lizwe. Bhidlizani ama-althare azo.’ Kepha aniwulalelanga umyalo wami. Bonani enikwenzileyo.


nganikhulula esandleni sabaseGibhithe, nasesandleni sabo bonke ababenicindezela, ngabaxosha phambi kwenu, nganinika izwe labo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka