Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 6:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 ngathi kini: “NginguJehova uNkulunkulu wenu; aniyikwesaba onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo,” kepha kanilalelanga izwi lami.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 ngathi kini: “NginguSimakade uNkulunkulu wenu, aniyukukhonza onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo,” kodwa anilalelanga izwi lami.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngathi kini: NginguJehova uNkulunkulu wenu; ningabesabi onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha anililalelanga izwi lami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 6:10
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nokho uJehova wayexwayisile o-Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nababoni ukuthi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami njengawo wonke umthetho engayala ngawo oyihlo nengawuthuma kini ngesandla sezinceku zami abaprofethi.”


Bamesaba uJehova, bakhonza nawonkulunkulu babo njengomthetho wezizwe ababesuswe phakathi kwazo.


Kwaba njalo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babonile kuJehova uNkulunkulu wabo owabakhuphula ezweni laseGibithe esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe, besaba abanye onkulunkulu,


wabaxwayisa ukuba ubabuyisele emthethweni wakho, kepha baqholosha, kabayilalelanga imiyalo yakho, kodwa bona ezahlulelweni zakho, okothi uma umuntu ezenza, uyakuphila ngazo, baphendula ihlombe ngenkani, benza lukhuni intamo yabo, abaze bezwa.


Xwaya ukuba ungasenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo, funa babe lugibe kuwe.


ngokuba awuyikukhonza omunye unkulunkulu, lokhu uJehova, igama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu,


Angilalelanga izwi labafundisi bami, angibekanga indlebe yami kubo abangifundisayo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ningayifundi indlela yabezizwe, ningashaywa luvalo ngezibonakaliso zasezulwini, ngokuba abezizwe bezesaba.


nakuba bengalalelanga, bengabekanga izindlebe, kepha benza lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa, balaywe.


Yazi kuphela ububi bakho ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.


Masilale phansi namahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”


Namuhla senginitshelile, kepha anililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wenu nakokukodwa angithume ngakho kini.


UJohanani indodana kaKhareya, nazo zonke izinduma zempi, nabantu bonke abalilalelanga izwi likaJehova lokuba bahlale ezweni lakwaJuda.


bafika ezweni laseGibithe, ngokuba babengalilaleli izwi likaJehova; bafika eThahipanesi.


UJehova wathi: “Ngokuba bewushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo, bengalilalelanga izwi lami, bengahambanga ngalo,


Awuzwa zwi, awamukeli ukulaywa, awumethembi uJehova, awusondelanga kuNkulunkulu wawo.


Kodwa abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Isaya uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngesikuzwileyo na?”


esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo,


Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”


kepha aniyikwenza sivumelwano nabakhe kuleli zwe; niyakudiliza ama-altare abo.’ Kodwa anililalelanga izwi lami. Nenzeleni lokho na?


nganophula esandleni sabaseGibithe nasesandleni sabo bonke abanicindezelayo, ngabaxosha phambi kwenu, nganinika izwe labo,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka