Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 6:11 - IsiZulu 2020

11 Ingelosi kaSimakade yafika e-Ofira yahlala phansi komu-okhi, owawungokaJowashi umAbhiyezeri, ngesikhathi indodana yakhe, uGideyoni, ibhula ukolo esikhamweni sewayini, ukuze iwufihlele abakwaMidiyani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kwafika ingelosi kaJehova, yahlala phansi kwe-oki* lase-Ofira likaJowashi umAbiyezeri; indodana yakhe uGideyoni yayibhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuba amthukusele abakwaMidiyani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kwafika ingelosi kaJehova, yahlala phansi kwesihlahla somtholo esasise-Ofira, esingesikaJowashi umAbiyeze; uGideyoni indodana yakhe wayebhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuze amfihle kumaMidiyani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 6:11
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ingelosi kaSimakade yamthola uHagari ehlane eduze kwesiphethu esasibuqamama nomgwaqo oya eShuri.


Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”


Wasuka lapho, wafumana u-Elisha, indodana kaShafathi, elima ngezinkabi ezingamabhangqa ali-12, eziqhuba, yena esebhangqeni le-12. U-Eliya wedlulela kuye, wayesemphonsela ingubo yakhe.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


Abozalo lukaGileyadi yilaba: ku-Iyezeri: ngumndeni wabakwa-Iyezeri; kuHeleki: ngumndeni wabakwaHeleki;


Ngingabuye ngithini ngokukholwa na? Ngingaphelelwa yisikhathi uma ngingaqhubeka ngilande ngoGideyoni, uBharaki, uSamsoni, uJeftha; ngoDavide noSamuweli nangabaphrofethi,


Abozalo lukaManase bonke banikwa isabelo sabo ngokwemindeni yabo: abozalo luka-Abhiyezeri, abolukaHelekhi, aboluka-Asiriyeli, abolukaShekhemu, abolukaHeferi, nabolukaShemida; bonke laba babengabozalo lukaManase indodana kaJosefa; ngokwemindeni yabo.


Ingelosi kaSimakade yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Nanxa uyinyumba, ungakaze uzale bantwana, uzakukhulelwa, uzale indodana.


Owesifazane wahamba wabikela umyeni wakhe, wathi: “Kufike kimi umuntu kaNkulunkulu, isimo sakhe sifana nesengelosi kaNkulunkulu, esabeka kakhulu. Angimbuzanga ukuthi uvelaphi, futhi akangitshelanga igama lakhe,


‘Qalekisani iMerozi,’ kusho ingelosi kaSimakade; ‘ziqalekiseni kabi izakhamuzi zalo, ngoba azizanga ukuzosiza uSimakade, ukuzosiza uSimakade elwa nesiqhwaga.’


Ingelosi kaSimakade yabonakala kuye, yathi: “USimakade unawe, qhawe elinamandla.”


Wathi kubo: “Ngenzeni mina manje okungaqhathaniswa nokwenziwe yini, na? Ngabe ukuvunwa kwamagilebhisi kwakwa-Efrayimi akungcono yini kunewayini elisha lakwa-Abhiyezeri, na?


Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubhali angama-70 etsheni elilodwa, kwasala uJothamu, uthunjana kaJerubhali, ngokuba wacasha.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka