Wambusisa u-Abhrama wathi: “U-Abhrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba.
2 Samuweli 2:5 - IsiZulu 2020 UDavide wayesethumela izithunywa kubantu baseJabheshi Gileyadi, wathi kubo: “USimakade makanibusise, ngokuba nikhombise isihawu enkosini yenu uSawule, nayingcwaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wayesethuma izithunywa kubantu baseJabeshi Gileyadi, wathi kubo: “Manibusiswe nguJehova, ngokuba nenzile lowo musa kuyo inkosi yenu, uSawule, nammbela. Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wathuma izithunywa kubantu baseJabeshi kwaGileyadi, wathi kubo: “Manibusiswe nguJehova ukuba nenze lomusa enkosini yenu kuSawule, nammbela. |
Wambusisa u-Abhrama wathi: “U-Abhrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba.
Kepha u-Abhrama waphendula wathi: “Ngifungile kuSimakade uNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba,
Usanda kufika nje, manje usufuna ngikuzulazulise nathi na? Mina ngisaya lapho ngiya khona. Phindela emuva wena, ubuyele nabafowenu; umusa neqiniso kube nawe.”
UDavide wawalanda amathambo kaSawule namathambo kaJonathani, indodana yakhe, kubantu baseJabeshi Gileyadi, ababewebe esigcawini eBhethi Shani, lapho babephanyekwe khona, mhla amaFilisti ebulala uSawule eGilibhowa.
Amadoda athi kuye: “Singanifela nokunifela. Uma ningaludaluli lolu daba lwethu, siyakuniphatha ngomusa nangokwethembeka lapho uSimakade esesinika izwe.”
Base bethi: “Sikhona yini esinye isizwana phakathi kwezizwana zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga kuSimakade eMizpha, na?” Kwatholakala ukuthi akukho namunye kwabaseJabheshi Gileyadi oweza enkanjini enhlanganweni.
UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele emuva, yilowo nalowo abuyele endlini kanina; sengathi uSimakade anganenzela umusa, njengalokhu nani nenzile kubayeni benu, nakimi.
UNawomi wathi kumalokazana wakwakhe: “USimakade makambusise lowo muntu ongakaze ayeke ukubenzela umusa abaphilayo nabafileyo.” UNawomi wayeseqhubeka ethi kuRuthi: “Leyo ndoda iyisihlobo sethu esisondele; ingomunye wabahlengi bethu.”
Waphendula wathi: “USimakade makakubusise, ndodakazi yami. Ekugcineni ukhombise ukwethembeka okukhulu kunasekuqaleni; awuzange ugijimele ezinsizweni ezicebile noma ezimpofu.
UNahashi wakwa-Amoni wenyuka, wakanisa eJabheshi Gileyadi. Bonke abantu baseJabheshi bathi kuNahashi: “Masenze isivumelwano, thina sizokukhonza.”
Bathi ezithunyweni ezazifike kubo: “Niyothi kubantu baseJabheshi Gileyadi: ‘Kusasa lapho ilanga libalele, niyakukhululwa.’ ” Izithunywa zafika zabatshela abantu baseJabheshi; bathokoza.
USamuweli wafika kuSawule. USawule wathi kuye: “Mawubusiswe nguSimakade; ngilifezile izwi likaSimakade.”
Ngubani owake wathi esesifumene isitha sakhe, wasiyeka sahamba siphephile na? USimakade makakuphindisele ngokuhle ngalokhu okwenze kimi namuhla.