Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 2:14 - IsiZulu 2020

14 Amadoda athi kuye: “Singanifela nokunifela. Uma ningaludaluli lolu daba lwethu, siyakuniphatha ngomusa nangokwethembeka lapho uSimakade esesinika izwe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Athi amadoda kuye: “Mayife imiphefumulo yethu esikhundleni senu; uma ningavezi obala le ndaba yethu, siyakunenzela umusa neqiniso lapho uJehova esinika izwe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ayesephendula amadoda kuye, athi: “Siphila ngowakho, uma ungayikhulumi indaba yethu.” Futhi uma uJehova esinika izwe, sizokwenzela umusa neqiniso kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 2:14
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Manje-ke ngicaciseleni ukuthi nizoyiphatha ngokwethembeka nangeqiniso yini inkosi yami, uma kungenjalo ngitsheleni, ukuze ngazi ukuthi ngenzenjani.”


Zasondela izinsuku zika-Israyeli zokuba afe, wayesebiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuyo: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ngiyakucela, faka isandla sakho phansi kwethanga lami, bese ungethembisa ukuthi uyongenzela umusa neqiniso. Uze ungangingcwabi lapha eGibhithe,


UDavide wayesethumela izithunywa kubantu baseJabheshi Gileyadi, wathi kubo: “USimakade makanibusise, ngokuba nikhombise isihawu enkosini yenu uSawule, nayingcwaba.


Manje sengathi uSimakade anganenzela isihawu nokwethembeka, nami ngizonenzela okuhle ngenxa yalokhu enikwenzileyo.


UDavide wathi: “Usekhona yini osele endlini kaSawule ukuba ngimenzele umusa ngenxa kaJonathani na?”


Kwathi lapho inkosi idlula, wayimemeza, wathi: “Inceku yakho yaphuma yaya phakathi kwempi; kweza umuntu waletha kimi omunye, wathi: ‘Linda lo muntu; uma elahleka, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, noma uyakukhokha ithalente lesiliva.’


Abaduki yini abaceba okubi na? Umusa neqiniso kungokwabahlela okuhle.


Umuntu wabangani uzilimaza yena, kodwa umngani weqiniso uyanamathela ukwedlula izelamani.


Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.


Ngakho-ke induna yenkulungwane yayimukisa insizwa, yayiyala ukuba ingatsheli muntu lokho ebizombikela khona.


nokuthi niyomsindisa ubaba, umama, abafowethu, odadewethu nakho konke okungokwabo, nisikhulule ekufeni.”


URahabi wayesewehlisa ngentambo aphuma ngefasitela, ngoba indlu ayehlala kuyo yayiyingxenye yodonga lomuzi, yena ehlala ngaphakathi kodonga.


Umuzi nakho konke okukuwo kuyakunikelwa kuSimakade, ubhujiswe, nguRahabi isifebe kuphela nabo bonke abanaye endlini yakhe abayosinda, ngokuba wathukusa izinhloli zethu esasizithumele.


UJoshuwa wathi kulawo madoda amabili ayekade ehlole izwe: “Ngenani endlini yesifebe, nimkhiphe owesifazane kuyo nabo bonke abakwabo, njengalokhu nafunga kuye.”


UJoshuwa wamsindisa uRahabi, isifebe, nabendlu kayise, nabo bonke ayenabo. Selokhu bahlala kwa-Israyeli kuze kube namuhla ngokuba wafihla izithunywa uJoshuwa ayezithume ukuyohlola iJerikho.


Ngakho-ke yenzele isihawu inceku yakho, lokhu wenzile nayo isivumelwano sikaSimakade. Uma nginecala, ngibulale wena, uzongiyiselani kuyihlo na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka