Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 2:6 - IsiZulu 2020

6 Manje sengathi uSimakade anganenzela isihawu nokwethembeka, nami ngizonenzela okuhle ngenxa yalokhu enikwenzileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Manje uJehova makanenzele umusa neqiniso, nami nginibuyisele lowo musa, ngokuba niyenzile leyo nto.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Manje uJehova unibonisile umusa nokwethembeka, futhi ngizokubuyisela lomusa kini, ngoba nenzile le nto.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 2:6
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni, indodana kaNahashi, njengoba uyise angenzela ububele.” UDavide wathumela izinceku zakhe ukuba ziyomduduza ngoyise. Izinceku zikaDavide zafika kwa-Amoni.


Usanda kufika nje, manje usufuna ngikuzulazulise nathi na? Mina ngisaya lapho ngiya khona. Phindela emuva wena, ubuyele nabafowenu; umusa neqiniso kube nawe.”


Manje-ke maziqine izandla zenu, nime isibindi, ngokuba uSawule, inkosi yenu, usekhotheme. Indlu yakwaJuda ingigcobile ukuba ngibe yinkosi yayo.”


Inkosi yayisithi: “Akusekho noyedwa yini endlini kaSawule engingamenzela umusa kaNkulunkulu na?” UZiba wathi enkosini: “Ikhona indodana kaJonathani ekhubazekile ezinyaweni.”


UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba ngiyakukwenzela impela umusa ngenxa kaJonathani, uyihlo; ngizokubuyisela lonke izwe likamkhulu wakho, uSawule; uyakudla njalo etafuleni lami.”


Uzothumela esezulwini, angisindise. Uyamsola ofuna ukungifihliza. Sela UNkulunkulu uzothumela umusa wakhe neqiniso lakhe.


USimakade wadlula phambi kwakhe, wamemezela wathi: “USimakade! USimakade! UNkulunkulu onesihe nomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene nokwethembeka,


Abaduki yini abaceba okubi na? Umusa neqiniso kungokwabahlela okuhle.


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Kepha Mina ngithi kini: thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo


Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.


Amadoda athi kuye: “Singanifela nokunifela. Uma ningaludaluli lolu daba lwethu, siyakuniphatha ngomusa nangokwethembeka lapho uSimakade esesinika izwe.”


UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele emuva, yilowo nalowo abuyele endlini kanina; sengathi uSimakade anganenzela umusa, njengalokhu nani nenzile kubayeni benu, nakimi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka