Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




2 Samuweli 1:11 - IsiZulu 2020

UDavide wabamba izingubo zakhe waziklebhula, enza kanjalo namadoda wonke ayenaye.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UDavide wayesebamba izingubo zakhe, waziklebhula kanye nawo onke amadoda ayenaye.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UDavide wathatha izingubo zakhe, waziklebhula; kanjalo nawo onke amadoda aye naye.

Uka jalj uñjjattʼäta



2 Samuweli 1:11
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

URubeni wabuyela emgodini, washaqeka engasamfici uJosefa lapho, wayeseklebhula izingubo zakhe.


UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wembatha isaka okhalo lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.


Base beklebhula izingubo zabo, bagibelisa imithwalo ezimbongolweni, babuyela emzini.


UThamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala ayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wahamba elokhu ekhala.


Inkosi yayisisuka, yaklebhula izingubo zayo, yalala emhlabathini, zonke izinceku zayo zema lapho, izingubo zazo ziklebhukile.


UDavide wathi kuJowabe nakubantu bonke ababenaye: “Klebhulani izingubo zenu, nibhince indwangu eyisaka, nilile phambi kuka-Abhineri.” Inkosi uDavide yalandela uhlaka.


Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukuba ngimphilise ochokweni lwakhe na? Ake niqonde, nibone ukuthi ufuna ithuba lokulwa nami.”


ngenxa yokuba inhliziyo yakho ibe nokuzisola, wazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho uzwa amazwi akhe ngale ndawo, nangezakhamuzi zayo, yebo, wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, kusho uSimakade.


Ngikuzwa lokho, ngaklebhula ingubo yami nesembatho sami, ngazihluthula izinwele ekhanda nasesilevini, ngahlala phansi, ngimangele.


Kwathi ukuba uMoridekhayi ezwe ngakho konke okwakwenzekile, waklebhula izingubo zakhe, wagqoka isaka, wazithela ngomlotha ekhanda, wazulazula emzini ekhala kakhulu nakalusizi.


Inkosi nezinceku zayo ezezwa wonke lawo mazwi, azesabanga, futhi aziziklebhulanga izingubo zazo.


Dabulani izinhliziyo zenu, hhayi izingubo zenu, nibuyele kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, unesihe nothando olungenamkhawulo, uyaxolela angabe esajezisa.


Kepha bathi ukuba abaphostoli, uBharnabha noPawula, bezwe ngalokhu, baklebhula izingubo zabo, baphuthuma esixukwini, bamemeza,


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


UJoshuwa wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi mbo ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade kwaze kwaba kusihlwa, yena namalunga akwa-Israyeli bazithela ngothuli emakhanda.