Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 13:19 - IsiZulu 2020

19 UThamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala ayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wahamba elokhu ekhala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wamuka, ehamba ekliwula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Khona-ke uThamari wathela umlotha ekhanda lakhe waklebhula ingubo yakhe emibalabala ayeyigqokile wabeka isandla sakhe ekhanda lakhe wakhala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 13:19
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

URubeni wabuyela emgodini, washaqeka engasamfici uJosefa lapho, wayeseklebhula izingubo zakhe.


UDavide wabamba izingubo zakhe waziklebhula, enza kanjalo namadoda wonke ayenaye.


Kwathi ngosuku lwesithathu, kwafika indoda iphuma enkanjini kaSawule, igqoke izingubo ezidabukile, inothuli ekhanda. Yathi lapho ifika kuDavide yawela emhlabathini, yakhothama yathi mbo ngobuso.


U-Absalomu umnewabo wathi kuye: “Ubenawe yini umnewenu, u-Amnoni na? Thula, dadewethu; ungumnewenu, ungayibeki inhliziyo yakho kule nto.” UThamari wahlala eyisikhwebu endlini ka-Absalomu, umnewabo.


Kwathi ukuba uMoridekhayi ezwe ngakho konke okwakwenzekile, waklebhula izingubo zakhe, wagqoka isaka, wazithela ngomlotha ekhanda, wazulazula emzini ekhala kakhulu nakalusizi.


Kuthe besebuqamama baphakamisa amehlo abo, kodwa abambonanga ukuthi nguye; badazuluka bakhala, kwayilowo nalowo waklebhula ingubo yakhe, bazithela amakhanda ngothuli beluphonsa phezulu.


ngakho-ke ngiyazenyanya, ngiyazisola, ngibhuquza othulini nasemlotheni.”


Nalapho uyophuma uthwele imikhono ekhanda, ngokuba uSimakade ubalahlile labo owethembele kubo; abayukukuphumelelisa.”


UJoshuwa wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi mbo ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade kwaze kwaba kusihlwa, yena namalunga akwa-Israyeli bazithela ngothuli emakhanda.


Ngalolo lusuku umuntu othile wakwaBhenjamini waphulukundlela empini. Wagijima waya eShilo, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka