Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 1:12 - IsiZulu 2020

12 Balila, bakhala, bazila kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule noJonathani, indodana yakhe, nabantu bakaSimakade, nendlu ka-Israyeli, ngokuba babebulewe ngenkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule, noJonathani indodana yakhe, nabantu bakaJehova, nendlu ka-Israyeli, ngokuba bebewile ngenkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule, nangenxa kaJonathani indodana yakhe, naphezu kwabantu bakaJehova, naphezu kwendlu yakwa-Israyeli; ngoba bawa ngenkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 1:12
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu bonke bafika bamncenga uDavide ukuba adle isinkwa kusesemini, kodwa uDavide wafunga wathi: “Makenze kanjalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.”


Ungathokozi lapho isitha sakho siwa, nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,


Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.


Baphuza iwayini ngezindebe, bazigcobe ngamafutha ekhethelo, kodwa abadabuki ngokubhujiswa kukaJosefa.


Kepha Mina ngithi kini: thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo


Ngubani obuthakathaka, nami ngingabi buthakathaka na? Ngubani okhubekiswayo, ngingamzweli ubuhlungu na?


Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.


Athatha amathambo abo awambela phansi komthamariske, eJabeshi. Azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.


USawule wafa namadodana akhe omathathu, nodibi lwakhe, nabo bonke abantu bakhe ngalolo lusuku.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka