Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 3:31 - IsiZulu 2020

31 UDavide wathi kuJowabe nakubantu bonke ababenaye: “Klebhulani izingubo zenu, nibhince indwangu eyisaka, nilile phambi kuka-Abhineri.” Inkosi uDavide yalandela uhlaka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 UDavide wathi kuJowabe nakubantu bonke ababe naye: “Klebhulani izingubo zenu, nibhince indwangu yamasaka, nilile phambi kuka-Abineri.” Inkosi uDavide yalandela uhlaka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

31 UDavide wayesethi kuJowabe nakubantu bonke ababe naye: “Kklebhulani izingubo zenu, nibhince indwangu yamasaka, nilile phambi kuka-Abineri. Inkosi uDavide yalandela umgoqo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 3:31
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

URubeni wabuyela emgodini, washaqeka engasamfici uJosefa lapho, wayeseklebhula izingubo zakhe.


UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wembatha isaka okhalo lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.


UDavide wabamba izingubo zakhe waziklebhula, enza kanjalo namadoda wonke ayenaye.


Kwathi ngosuku lwesithathu, kwafika indoda iphuma enkanjini kaSawule, igqoke izingubo ezidabukile, inothuli ekhanda. Yathi lapho ifika kuDavide yawela emhlabathini, yakhothama yathi mbo ngobuso.


Izinceku zakhe zathi kuye: “Sizwile ukuthi amakhosi endlu yakwa-Israyeli angamakhosi anomusa; ake sibhince indwangu eyisaka okhalo lwethu nezintambo emakhanda ethu, siphume siye enkosini yakwa-Israyeli; mhlawumbe iyakusindisa ukuphila kwakho.”


Kwathi ukuba u-Ahabi ezwe lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu eyisaka, wazila, walala endwangwini eyisaka, wazulazula ehamba enjengolahliweyo.


Kwathi ukuba inkosi uHezekiya izwe lokho, yaklebhula izingubo zayo, yembatha indwangu eyisaka, yangena endlini kaSimakade.


Yathumela u-Eliyakimi owayengamele isigodlo, noShebhina, umbhali, namalunga wonke, begqoke indwangu eyisaka, baya ku-Izaya, umphrofethi, indodana ka-Amose.


Yasondela, yathinta uhlaka; ababeluthwele bema. Yayisithi: “Nsizwa, ngithi kuwe: vuka!”


UJoshuwa wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi mbo ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade kwaze kwaba kusihlwa, yena namalunga akwa-Israyeli bazithela ngothuli emakhanda.


Ngiyakubanika igunya ofakazi bami ababili ukuba baphrofethe izinsuku eziyi-1 260, bembathiswe indwangu eyisaka.”


Lapho eyibona, waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Hawu, ndodakazi yami, waze wangilaya, wangibangela ukuhlupheka okukhulu. Phela ngivule umlomo wami ngakhuluma kuSimakade, manje angisakwazi ukusihoxisa isifungo sami.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka