UDavide wababala abantu ababenaye, wayesebabekela izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu.
1 Samuweli 22:7 - IsiZulu 2020 USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimile: “Lalelani lapha nina bakwaBhenjamini; indodana kaJese yiyo yini ezoninika nonke amasimu nezivini, inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye: “Yizwani nina bakwaBenjamini; indodana kaJese iyakuninika nonke amasimu nezivini, inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, Contemporary Zulu Bible 2024 USawule wayesethi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye: “Lalelani, maBhenjamini! indodana kaJese iyakuninika izwe nezivini, kube yilowo nalowo kini, inibeke izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu; |
UDavide wababala abantu ababenaye, wayesebabekela izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu.
Kwakukhona umuntu ongalungile, ogama lakhe kunguSheba, indodana kaBhikhiri, umBhenjamini. Wasuka wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; hambani nonke niye emathendeni enu, Israyeli.”
Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe.
Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kumile igatsha ezimpandeni zakhe, lithele.
Ngalolo lusuku impande kaJese iyakuma njengebhanela lezizwe; abezizwe bayoyifuna, nendawo yayo iyokuba nodumo.
Kwathi ngosuku olulandelayo lokwethwasa kwenyanga, indawo kaDavide isalokhu ingenamuntu, uSawule wathi kuJonathani, indodana yakhe: “Kungani indodana kaJese ingafikanga esidlweni izolo nanamuhla na?”
Intukuthelo kaSawule yayisimvuthela uJonathani, wathi kuye: “Wena, ndodana yowesifazane owonakele noyisihlubuki! Uthi angazi ukuthi wena ukhethe indodana kaJese kunoyihlo, nehlazo lakho nehlazo lobunqunu bukanyoko na?
USawule wathi kuye: “Ningenzeleleni ugobe wena nendodana kaJese lapho uyinika isinkwa, nenkemba, wayibuzela kuNkulunkulu ukuba imelane nami, ingilalele unyendle njenganamuhla na?”
UDowegi wakwa-Edomi owayemi nezinceku zikaSawule waphendula, wathi: “Ngayibona indodana kaJese ifika eNobhi ku-Ahimelekhi, indodana ka-Ahithubi.
UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: “Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.