Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 20:1 - IsiZulu 2020

1 Kwakukhona umuntu ongalungile, ogama lakhe kunguSheba, indodana kaBhikhiri, umBhenjamini. Wasuka wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; hambani nonke niye emathendeni enu, Israyeli.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwaba khona umuntu kaBheliyali ogama lakhe linguSheba, indodana kaBigi umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, futhi asinafa endodaneni kaJese.” Yilowo nalowo makaye ematendeni akhe, Israyeli!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 20:1
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadodana kaBhenjamini: kwakunguBhela, uBhekheri, u-Ashibheli, uGera, uNahamani, u-Ehi, uRoshi, uMuphimu, uHuphimu, no-Aridi.


U-Absalomu wathuma izinhloli kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba ziyothi: “Ngesikhathi nizwa ukukhala kwecilongo anothi: ‘U-Absalomu uyinkosi eHebhroni.’ ”


UDavide wayesethi ku-Abhishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani-ke lo mBhenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba nguSimakade omthumile.


UShimeyi wathi lapho ethuka uDavide: “Suka, suka wena muntu wegazi, muntu ongelutho!


Bamthatha u-Absalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba yamatshe enkulu kakhulu; bonke abakwa-Israyeli, yilowo nalowo, wabalekela ethendeni lakhe.


Bonke abantu bakwa-Israyeli benyuka, ababe besamlandela uDavide, base belandela uSheba, indodana kaBhikhiri. Abantu bakwaJuda babambelela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kufike eJerusalema.


Owesifazane waya kubantu, wabatshela ngecebo lakhe eliphusile, nempela balinquma ikhanda likaSheba, indodana kaBhikhiri, baliphonsa ngaphandle kuJowabe. UJowabe wayesebetha icilongo, abantu bahlakazeka bawushiya umuzi, babuyela emathendeni abo. UJowabe waphindela enkosini eJerusalema.


Kepha bonke abangenamsebenzi walutho bayakuba njengameva alahliweyo, ngokuba angephathwe ngesandla.


Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe.


nibeke amadoda amabili, abantu ababi, phambi kwakhe, afakaze ngaye ngokuthi: ‘Uthukile uNkulunkulu nenkosi,’ bese nimkhiphela phandle, nimkhande ngamatshe, afe.”


Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe.


Inkosi uRehobhowamu yacela iseluleko ezingwevini ezazikade zeluleka uSolomoni, uyise, esaphila, yathi: “Nina ningeluleka ukuba ngibuyisele impendulo ethini kulaba bantu na?”


Yima ngomumo, Simakade, ubhekane nazo, ziqumbe phansi. Sindisa umphefumulo wami ngenkemba yakho,


Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uSimakade uyamkhulula kuzo zonke.


Ungasheshi uphume uye enkantolo, ngokuba uyokwenzenjani ekugcineni, lapho umakhelwane wakho esekuthela ngehlazo na?


Njengamalahle othuthwini nezinkuni emlilweni, unjalo umuntu ophehla udweshu.


Uma umbuso wehlukene wodwa, awusoze wema.


“Kepha abantu bezwe lakhe babemzonda, ngakho-ke bathumela amanxusa, amlandela, ukuba afike lapho, athi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’


Kepha lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngizibuse, ziletheni lapha, nizibulale ngizibonela ngawami.”


UPhethro wathi kuye: “Awusoze wazigeza izinyawo zami naphakade.” UJesu waphendula, wathi: “Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.”


abantu abathile abonakeleyo baphumile phakathi kwenu, bahlubukisa izakhamuzi zomuzi wakubo, bathi: ‘Masihambe siyokhonza abanye onkulunkulu eningabaziyo,’


Besazijabulisa, kwatheleka abantu bakulowo muzi, ababekhohlakele kakhulu, bazungeza indlu, baqala ukungqongqotha emnyango, bethi ekhehleni elingumninindlu: “Khiphela phandle umuntu ongenise endlini yakho ukuze silale naye.”


Kwathi ukuba afike lapho, washaya icilongo ekwelezintaba kwa-Efrayimi. Abantu bakwa-Israyeli behla naye kwelezintaba, ebahola.


URuthi wayesehamba wafike wakhothoza ensimini lapho kwase kuvunwe khona. Kwenzeka nje wazithola esekhothoza esiqeshini sensimu kaBhowazi, owayengowomndeni ka-Elimelekhi.


waqoka abantu abayizi-3 000 kwa-Israyeli. Abayizi-2 000 baba noSawule eMikhimashi nasentabeni eBhethele, inkulungwane yaba noJonathani eGibheya kwaBhenjamini. Abanye abantu wabaphindisela emuva, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe.


Amadodana ka-Eli ayengabantu abakhohlakele; engamazi uSimakade.


Izikhohlakali nabangenamsebenzi walutho kulabo bantu ababehambe noDavide, bathi: “Ngenxa yokuba bengahambanga nathi, asiyukubanika lutho empangweni esiyikhululile, kuphela ukuba bathathe abafazi babo nezingane zabo bahambe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka