Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 22:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye: “Yizwani nina bakwaBenjamini; indodana kaJese iyakuninika nonke amasimu nezivini, inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimile: “Lalelani lapha nina bakwaBhenjamini; indodana kaJese yiyo yini ezoninika nonke amasimu nezivini, inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 USawule wayesethi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye: “Lalelani, maBhenjamini! indodana kaJese iyakuninika izwe nezivini, kube yilowo nalowo kini, inibeke izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 22:7
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wabala abantu ababe naye, wabeka phezu kwabo izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu.


Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.”


Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu babuyisela izwi enkosini, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Ifa asinalo endodaneni kaJese. Yana ematendeni akho, Israyeli, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” Wayesesuka u-Israyeli, waya ematendeni akhe.


Kwafika nabantwana bakwaBenjamini noJuda enqabeni kuDavide.


Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kuphume igatsha ezimpandeni zakhe.


Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime iyibhanela* lezizwe; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba nodumo.


UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.


Kwathi ngangomuso emva kokwethwasa kwenyanga ngolwesibili indawo kaDavide yayiyize; uSawule wathi kuJonathani indodana yakhe: “Indodana kaJese ayifikanga ngani ekudleni nayizolo nanamuhla na?”


Intukuthelo kaSawule yayisimvuthela uJonathani, wathi kuye: “Wena ndodana yowesifazane owonakeleyo nohlubukileyo, angazi yini ukuthi ukhethile indodana kaJese kube yihlazo lakho nehlazo lobunqunu bukanyoko, na?


USawule wathi kuye: “Ningenzeleleni ugobe, wena nendodana kaJese, ngokuyinika isinkwa nenkemba, uyibuzele kuNkulunkulu ukuba ingivukele, ingiqamekele njenganamuhla, na?”


UDowegi wakwa-Edomi owayemi ngakuzo izinceku zikaSawule waphendula wathi: “Ngabona indodana kaJese iza eNobi ku-Ahimeleki indodana ka-Ahithubi.


UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: “Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese na? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka