Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 25:10 - IsiZulu 2020

10 UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: “Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: “Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese na? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UNabali wasephendula izinceku zikaDavida wathi: Ngubani uDavida? futhi ingubani indodana kaJese? kulezi zinsuku ziningi izinceku ezephula, kube yilowo nalowo enkosini yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 25:10
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwakukhona umuntu ongalungile, ogama lakhe kunguSheba, indodana kaBhikhiri, umBhenjamini. Wasuka wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; hambani nonke niye emathendeni enu, Israyeli.”


Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe.


Kepha uFaro wathi: “Ungubani uSimakade ukuthi ngingalalela izwi lakhe, ngivumele u-Israyeli ahambe na? Angimazi uSimakade, futhi anginakumdedela u-Israyeli ahambe.”


Impendulo ezothile iyaludambisa ulaka, kodwa izwi elilimazayo libhebhezela intukuthelo.


Ungasho ukuthi: “Kungani izinsuku zasemandulo zazingcono kunezanamuhla na?” Ngokuba lokho kubuza akuveli ekuhlakanipheni.


Isiwula asisayukubizwa ngokuthi siyisikhulu, nomkhohlisi akusayukuthiwa uhloniphekile.


Izikhali zomkhohlisi zimbi, uhlela amacebo amabi, ukuze abhubhise abampofu ngamazwi angamanga, ngisho nalapho ontulayo ekhuluma okulungileyo.


UGali, indodana ka-Ebhedi, wabuza wathi: “Ungubani u-Abhimelekhi, futhi singobani thina baseShekhemi ukuba singakhonza yena, na? Ayikaze yini indodana kaJerubhali noZebhuli, induna yakhe, bakhonze emadodaneni kaHarmori uyise kaShekhemi, na? Pho thina simkhonzelani, na?


Intukuthelo kaSawule yayisimvuthela uJonathani, wathi kuye: “Wena, ndodana yowesifazane owonakele noyisihlubuki! Uthi angazi ukuthi wena ukhethe indodana kaJese kunoyihlo, nehlazo lakho nehlazo lobunqunu bukanyoko na?


Kwaqoqana bonke abahluphekayo, abanezikweletu, nabo bonke abadabukile enhliziyweni, yena waba yinduna ebaphethe. Babebalelwa cishe ema-400.


Izinsizwa zikaDavide zahamba, zawasho kuNabali wonke lawo mazwi njengoba enjalo egameni likaDavide, zase zilinda.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka