Wenza amakherubi amabili ngomuthi womnqumo ngaphakathi, yilelo nalelo laliyizingalo eziyishumi ukuphakama.
UNumeri 7:89 - Contemporary Zulu Bible 2024 UMose esengena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye, wezwa izwi lokhuluma kuye livela esihlalweni somusa esiphezu komphongolo wobufakazi phakathi kwamakherubi omabili; wakhuluma kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye, wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi* omabili; wayesekhuluma kuye. IsiZulu 2020 Kwathi lapho uMose engena ethendeni lokuhlangana ukuyokhuluma noSimakade, wezwa izwi likhuluma naye livela phezu kwesihlalo somusa ngaphezu komphongolo wobufakazi phakathi kwamakherubhi amabili, wakhuluma naye. |
Wenza amakherubi amabili ngomuthi womnqumo ngaphakathi, yilelo nalelo laliyizingalo eziyishumi ukuphakama.
Ihubo lika-Asafa. Zwana, Malusi ka-Israyeli, wena ohola uJosefa njengomhlambi; wena ohlezi phakathi kwamakherubi, khazimula.
UJehova uyinkosi; bathuthumele abantu! Uhlezi phakathi kwamakherubi; umhlaba mawunyakaze.
Ifu lasibekela itende lokuhlangana, inkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.
UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.
INkosi yasikhuluma kuMozisi enkangala yeSinayi ethenteni lenhlangano, ngolokuqala lwenyanga yesibili, ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo elizweni leGibhithe, yathi:
Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona; ngiyakuthatha okukaMoya ophezu kwakho, ngikubeke phezu kwazo; futhi bayothwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.
Ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo, ngokusobala, kungabi ngamazwi angamafu; futhi uyobona isimo sikaJehova. Aningesabi ngani ukukhuluma kabi ngenceku yami uMose na?
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa, ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.
Akwambulwa kubo ukuthi babengazikhonzi bona, kodwa bakhonza thina ngalezo zinto esezishunyayelwa kini ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe ezulwini; okuyizinto izingilosi ezifisa ukuzibona.
Abantu basebethumela eShilo ukuletha khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova Sebawoti ohlezi phakathi kwamakherubi; amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, ayelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.