Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 99:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJehova uyinkosi; bathuthumele abantu! Uhlezi phakathi kwamakherubi; umhlaba mawunyakaze.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu; uhlezi phezu kwamakherubi;* mawuzamazame umhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 USimakade uyabusa, abantu mabathuthumele, uhleli phezu kwamakherubhi, umhlaba mawuzamazame.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 99:1
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wazilungiselela, wahamba nabo bonke abantu ababe naye besuka eBali lakwaJuda ukuyokhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu ogama lakhe liyigama likaJehova Sebawoti, ohlala phakathi kwamakherubi letha.


Mesabe ubuso bakhe, mhlaba wonke; izwe liyakusimama, linganyakaziswa.


Wakhwela phezu kwekherubi, wandiza; yebo, wandiza ngamaphiko omoya.


Nokho ngibeke inkosi yami entabeni yami engcwele iZiyoni.


Ihubo lika-Asafa. Zwana, Malusi ka-Israyeli, wena ohola uJosefa njengomhlambi; wena ohlezi phakathi kwamakherubi, khazimula.


Phakamisa amandla akho phambi kuka-Efrayimi noBenjamini noManase, uze usisindise.


Abazi, futhi ngeke baqonde; bahamba ebumnyameni: zonke izisekelo zomhlaba zibolile.


UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe amandla, azibhincile; nezwe lilungisiwe, ukuze linganyakaziswa.


Yishoni phakathi kwezizwe ukuthi uJehova uyinkosi; Uzakwahlulela izizwe ngokulunga.


Mkhonzeni uJehova ebuhleni bobungcwele; mesabeni, mhlaba wonke.


UJehova uyinkosi; umhlaba mawuthokoze; uquqaba lweziqhingi malujabule ngalo.


Imibani yakhe yakhanyisa umhlaba; umhlaba wakubona, wazamazama.


Ngiyakuhlangana nawe lapho, ngikhulume nawe ngiphezu kwesihlalo somusa phakathi kwamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi ngakho konke engikuyala ngakho kubantwana bakwa-Israyeli.


UJehova waxubanisa umoya omubi kulo, balidukisa iGibhithe emisebenzini yalo yonke njengomuntu odakiwe ediyazela ebuhlanzweni bakhe.


Ngabona izintaba, bheka, zazamazama, namagquma onke anyakaza kahle.


Umhlaba uyathuthumela ngomsindo wokuwa kwabo, umsindo wokumemeza kwabo wezwakala oLwandle Olubomvu.


Aningesabi na? usho uJehova, uthi: “Aniyikuthuthumela phambi kwami, mina engabeka isihlabathi emkhawulweni wolwandle ngomyalo waphakade ukuba lungedlule kuwo; uma zibhonga, azinakudlula na?


Ngomsindo wokuthunjwa kweBabele umhlaba uyathuthumela, kuzwakale ukukhala phakathi kwezizwe.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, indawo yesihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho engiyohlala khona kuze kube phakade phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, negama lami elingcwele aliyikuyingcolisa indlu ka-Israyeli. Israyeli futhi. Namakhosi abo ngobufebe babo nangezidumbu zamakhosi abo ezindaweni zabo eziphakemeyo.


Wathi-ke: “Umuntu othile wobukhosi waya ezweni elikude ukuyozithathela umbuso, abuye.


Kepha izakhamuzi zakhe zazimzonda, zathuma amanxusa emva kwakhe, zithi: “Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.


Kodwa lezozitha zami ezazingathandanga ukuthi ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, lizibulale phambi kwami.


Ngakho-ke, bathandekayo, njengalokho nilalela ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kepha ikakhulu manje ngingekho, sebenzelani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.


besithi: Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu Somandla, okhona, owayekhona, lozayo; ngoba uzithathele amandla akho amakhulu, wabusa.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekela ubuso bakhe nezulu; kabafunyanwanga indawo yabo.


Izulu lamuka njengomqulu ogoqwayo; zonke izintaba neziqhingi zasuswa ezindaweni zazo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka