Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 7:89 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

89 Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye, wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi* omabili; wayesekhuluma kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

89 Kwathi lapho uMose engena ethendeni lokuhlangana ukuyokhuluma noSimakade, wezwa izwi likhuluma naye livela phezu kwesihlalo somusa ngaphezu komphongolo wobufakazi phakathi kwamakherubhi amabili, wakhuluma naye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

89 UMose esengena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye, wezwa izwi lokhuluma kuye livela esihlalweni somusa esiphezu komphongolo wobufakazi phakathi kwamakherubi omabili; wakhuluma kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 7:89
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Egumbini wenza amakherubi* amabili ngomnqumo, yilelo nalelo liyizingalo eziyishumi ukuphakama kwalo.


Yizwa, malusi ka-Israyeli, ohola uJosefa njengomhlambi, ohlezi phezu kwamakherubi;* mawubonakale ngokukhazimula.


UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu; uhlezi phezu kwamakherubi;* mawuzamazame umhlaba.


Ifu lase lisibekela itende lokuhlangana, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.


UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.


UJehova esetendeni lokuhlangana wambiza uMose, wakhuluma kuye, wathi:


UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi etendeni lokuhlangana ngolokuqala lwenyanga yesibili ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo eGibithe, wathi:


Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.


ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo ngokusobala, kungabi ngamazwi ayimfumbe; isimo sikaJehova uyakusibona; anesabanga ngani ukukhuluma ngenceku yami uMose na?”


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.


abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.


Abantu base bethumela eShilo, bathatha khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova Sebawoti ohlezi phezu kwamakherubi;* amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, ayelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka